ISIHLABANI somculo wokholo uDeborah Fraser, sithi akuphelile ngaso njengoba sicula sihlezi esihlalweni esihamba ngamasondo ngenxa yokuxinwa wukugula, okuhambisana nesifo sikashukela.
UDeborah uvele kwividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana esesihlaweni esinamasondo, etshela abantu ukuthi isimo sakhe sike saba sibi kodwa ubonga uMdali ngokumqinisa esikhathini esibi. Waduma ngezingoma ezithi Abanye Bayombona, Hamba WeSathane nezinye eziningi.
“Bengicula eLimpopo, ngithe angiye ngoba babekade besifakile isicelo sokuthi ngizocula. Ngibe sengithi abangasabalalisi amavidiyo kodwa abangangilalela. Abanye bathi ngiyazenzisa kodwa ngingadlala ngokugula ngimdala kangaka? Izwi lami alinankinga kodwa ngicela umkhuleko wokuthi ngingabi kulesi simo isikhathi eside,’’ kusho uDeborah, echazela abalandeli.
Umculi uncome kakhulu odokotela basesibhedlela iChris Hani Baragwanath, wathi bamemukele ngezandla ezifudumele bamnikeza usizo olusezingeni eliphezulu. Exoxa neSolezwe ngeSonto uthe ungeniswe esibhedlela ngoFebhruwari kulo nyaka, usanda kuphuma nje kodwa uhamba odokotela abazama ukumcathulisa ukuze aqale ukuhamba.
Uveze nokuthi usazinze eGoli, futhi wesekwa wumdeni wakhe nabangani abahamba naye yize kukubi, bemkhulekela. Uke waphumela obala phambilini esho ukuthi unesifo sikashukela.
Uthe kumanje ulungiselela ukukhipha i-albhamu yakhe asebenze kuyona noBig Zulu, noKhuzani, noNomcebo Zikode ongumakoti kuye ngoba ugane indodana kadedawabo. Uthe ukukhishwa kwayo kubanjezelwa wukugula kwakhe, ngabe kade iphumile.