OBEYIMEYA yaseCape Town, uNkk Patricia De Lille, uthule ngokusemthethweni iqembu lakhe lepolitiki elibizwa ngeGOOD.
UNkk De Lille uthe iqembu lizongenela ukhetho kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika ngonyaka ozayo.
“Isikhathi sokwenza okuhle sesifikile. Iqembu lethu lizogxila ekwenzeni okuhle ezweni jikelele. Lizokwenza konke ngothando linakekela bonke abantu baseNingizimu Afrika. Ngisebenzisana nabantu abasha nabanamava okusho ukuthi sizoziphatha kahle,” kusho uNkk De Lille emcimbini obuseGoli izolo.
Uthe ngeke asebenzise abaholi abadala kodwa uzosebenzisa abantu abahlukene kuzo zonke izifundazwe futhi abazimisele ukusebenzela isizwe.
Ngeke futhi afane namanye amaqembu aqoqa amaqabane ayowahlalisa ePhalamende ukuze athole impesheni.
Umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe uyethuka ukuthi uqale iqembu elisha ngoba ubethi uzovusa i-Independent Democrats (ID) ebisivele ikhona. Ngiyathemba ulwenzile ucwaningo.
“Ngicabanga ukuthi bekufanele kube nezifundazwe azibhekayo uma kuwukuthi ufuna ukwakha iqembu lakhe, ukujaha izifundazwe zonke ngeke kumsize. Ngokwami bekufanele akhele phezu kwe-ID. Ngicabanga ukuthi bekufanele agxile eWestern Cape, Eastern Cape, Northern Cape, KZN neGauteng umsebenzi wakhe ubuzoba lula. ENorth West naseLimpopo mancane amaKhaladi ngoba i-ID wayeyakhele ukuheha amaKhaladi ngoba ezibona ehlukumezekile. La ngimbona ethola amavoti khona kula kukhona umphakathi wamaKhaladi. Angimboni ethola amavoti abanye abantu. Ngimbona edlisa emadolobheni. Kufanele agxile ezindaweni ezithile. Ngisho iCape Town ngeke ayiwine. Okwakhe wukuthola amavoti enele ukuze abe nezwi kuhulumeni,” kusho uKhumalo.
Uthe ubona sengathi uNkk De Lille uzonqoba ngendlela efanayo nangesikhathi esengumengameli we-ID.
Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Ralph Mathekga, uthe uNkk De Lille ngeke adle umhlanganiso okhethweni kodwa uzowathola amavoti ambalwa azomfaka ePhalamende.
“Ngicabanga ukuthi kuhle ukungena kukaNkk De Lille kwipolitiki yize eke enza amaphutha ambalwa kodwa yena uyakwazi okudingwa ngabantu ngenxa yamava anawo kwipolitiki. Sizobona ukuthi yini ehlukile azoyisho noma azoyenza engenziwa yila maqembu akhona njengamanje. Yena zikhona izikhlalo azozithola yikho nje ukuthi asazi ukuthi zingaki,” kusho uMathekga.