USIHLALO we-Economic Freedom Fighters (EFF) u-Adv Dali Mpofu uthi akumkhathazi ukugxekwa wumholi weqembu uMnuz Julius Malema.
UMpofu ube ngomunye wabaholi be-EFF uMalema abagxekile ngoLwesine esithangamini nabezindaba emahhovisini eqembu eBraamfontein ngoLwesine.
UMalema uthe uMpofu wumuntu omatasa ohlale esezinkantolo ngakho ngeke bakwazi ukumbuyisela ePhalamende.
Uphinde waveza ukuthi bebemjube e-Eastern Cape ukuthi ayodoba abavoti kodwa wangenza kahle.
“USihlalo wethu wumuntu omatasa kwezomthetho, yize nazo zibalulekile kodwa azisizi ekukhuliseni inhlangano yethu okuyinto esimatasa ngayo njengamanje. Ngeke aye ePhalamende kanjalo noMgcinimafa akayi ePhalamende ngenxa yokuthi akaphilile kahle,” kusho uMalema.
FUNDA:
Engxoxweni nesiteshi sezindaba i-eNCA uMpofu uthe alukho olubi phakathi kwakhe noMalema.
“I-EFF inhlangano ebumbene kunazo zonke. Sibumbene hhayi ngoba singabangani kodwa sibumbene ngoba simqondo munye ekuzabalazeleni ukukhulula abantu abahluphekayo nokuthi abantu balingane kuleli.
Sinentshisekelo, kwesinye isikhathi uma sinezinkulumo mpikiswano ungaze uzitshele ukuthi siyalwa kodwa alukho olubi,” kusho uMpofu.
Uthe kuliqiniso ukugxekwa akuthole kuMalema ngakho akananxa ngabekusho.
Uqhube waveza ukuthi akuxatshanwa uma kujutshwa abantu abahlukene ezikhundleni ngoba kusuke kuthathwe isinqumo ngokuvumelana ukuthi ngubani ongasebenza kuso kangcono.
UMpofu uthe bekumnandi futhi uyazigqaja ngomsebenzi abawenzile bewubuholi be-EFF eminyakeni emihlanu edlule. Uthe beyinhlangano sebebheke kwingqungquthela yokuqoka ubuholi obusha ezoba nonyaka. UMalema uxwayise abaholi ukuthi akekho onendawo engeyakhe waveza nokuthi inhlangano ngeke ibamele abaholi abangayisebenzeli i-EFF.