UMNYANGO wezeMfundo eyiSisekelo unxusa abazali ukuthi bathengele izingane zabo izincwadi kunokuzithengela amathoyizi njengoba ucwaningo luveza ukuthi abafundi bakwaGrade 4 bafunda ngokungaqondi.
Lokhu kulandela ukudedelwa kwezibalo ngocwaningo iProgress in International Reading Literacy Study (Pirls) oluveza ukuthi nakuba abafundi sebechithe iminyaka emine besesikoleni kodwa abakuqondi abakufundayo.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bafuqa umkhankaso wokuthenga izincwadi kubazali. “Siyizwe elingafundi. Ngisho emakhaya abazali abazifundisi izingane zabo. Umntwana kumele afunde incwadi cishe imizuzu engu-30 njalo ngosuku. Kumele kugqugquzelwe abadala ukuthi bafunde ukuze izingane zibukele kubona,” kusho uMhlanga.
Lolu cwaningo luklelise leli laba sekugcineni emazweni angu-50 kwezokufunda. Nezivivinyo zamabanga aphansi ezazaziwa nge-Annual National Assessments (ANA) zakuveza ukuthi abafundi banenkinga yokufunda nokubhala.
NgokwePirls, wumfundi oyedwa kwabahlanu okwazi ukufunda incwadi. Lolu cwaningo olwenziwe ngonyaka odlule luveza ukuthi akukho osekwenziwe ukuthuthukisa izinga lokufunda eminyakeni emihlanu. Lwenziwe ngemuva kweminyaka emihlanu.
UMhlanga uthe banazo izinhlelo zokuqeqesha othisha ukuthi bagxile ekufundiseni.
“UNgqongqoshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga, ujube abacwaningi ukuthi babheke ngokudephile baqhathanise izinselelo ezibhekene naleli ngendaba yokufunda. Lokhu kuzosenza ukuthi siqhamuke nezisombululo kule nkinga. Ucwaningo aluveza ukuthi sichitha isikhathi esincane ekufundiseni umfundi ukufunda kodwa ucwaningo luveza okuhlukile,” kusho uMhlanga.
Uthe kudingeka bafinyelele emnyombweni wokuthi kungani lingathuthuki izinga lokufunda kubafundi. Uqhube wathi lo mbiko uveza ukuthi kukhona lapho benza kahle khona njengokuthi kunomehluko okhona endabeni yokufundiswa kwesiZulu uma uqhathanisa * -2006 no-2016.
“Okunye okuvelile ngukuthi abafundi bakwaGrade 4 benza kahle ezilimini ezinhlanu zesintu. Amantombazane yiwona enza kahle uma uqhathanisa nabafana. Izinhlelo zokugxila emantombazaneni ukuthi afunde zithela izithelo. Sizoqhubeke sikwenze futhi lokhu,” kusho uMhlanga.
Uthe bayawamukela umbiko ngoba abacwaningi bazoqhamuka nezindlela zokunqanda isimo.
“Zikhona izinto esizenzile ukuzama ukugqugquzela ukufunda. Siqale ukufundisa isiNgisi zisuka amadaka emabangeni aphansi, safaka nezilimi zesintu ukuze abafundi bakujwayele ukufunda. Ngo-2014 sifake uhlelo lokufunda nokufundisa iCurriculum and Assessment Policy Statement (Caps) oluchaza kabanzi izinto othisha okumele bazifundise ngasiphi isikhathi. Size sakhipha nezincwadi ezihambisana nayo le Caps ukuze abafundi bafunde,” kusho uMhlanga.
Ngokwalolu cwanigo abafundi abahlala emakhaya yibona abasenkingeni enkulu yokufunda. Siyanyuka isibalo sabafundi ekilasini njengoba bengu-45 ekilasini elilodwa uma uqhathanisa namanye amazwe anabangu-24.
Abafundi bafundiswa othisha abadala njengoba bebancane othisha abasebancane.
USolwazi Nic Spaull, umcwaningi waseNyuvesi yaseStellenbosch, uthe izibalo zikhomba ukuthi abafundi abangu-8 kwabangu-10 abakwazi ukufunda.
“Inhlekelele ebhekene nezwe le. Okunye okushayisa ngovalo ngukuthi abafana yibona abangakwazi ukufunda, bahlulwa amantombazane. Nenkinga yothisha badala ngakho babeqeqeshwe ngesikhathi sakudala.”