ISUSWE wukukhala kocingo ingxabano eholelele ekutheni intombi ibhokode ishende layo ngommese, ngoMgqibelo ekuseni.
Lokhu kuvezwe ngumndeni kamufi, uMnuz Sanele Buthelezi (32 ) wakwa- R eMlaza, othe ngunina wezingane obefonela umufi okugcine ngokuthi abulawe yishende lakhe ngemumva kokuhilizisana nalo.
UNkk Bathokozile Buthelezi (61) ongunina kamufi, uthe umndeni ubuvele ungayizwa eyothando lwendodana yakhe nentombi ebizwana nayo. Uthe umsolwa ubaziwa njengomuntu obenolaka uma esedle uphuzo oludakayo.
“Kubuhlungu okusehlele ngoba besibheke yena uSanele (umufi) njengoba noyise obezisebenza esamile. Nezingane zakhe ezimbili zamantombazane sezizokhula ngaphandle kukayise ebezithembele kuyena. Bekungaqali ukuthi le ntombazane (umsolwa) imshaye njengoba eseke wabuya enamehlo abomvu nayekhomba ukuthi ulimale ngenkathi belwa,” kubeka uNkk Buthelezi.
Eqhuba uthe, isifiso sakhe wukuthi umthetho usebenze ukuze ajeze umsolwa. Uthe umufi ubekhonze ukucima ukoma egcekeni lakubo, futhi engumuntu wabantu.
Kubikwa ukuthi amalungu omphakathi wakule ndawo avuke umbhejazana ngoMgqibelo, efuna ukumudla amfele umsolwa. Kuthiwa kulamule amaphoyisa abehamba naye ngenkathi eseyolanda ummese lapho abewufihle khona.
UButhelezi obeneshende lakhe ngalobu busuku, kuthiwa uhilizisane nalo lapho bebephuzela khona nabangani. Kubikwa ukuthi lezi zithandani, zibe seziphuma zilandelana ziya ngakubo kamufi.
Umufi kuthiwa ubhokodwe yishende ngommese esifubeni esesemgwaqweni oseduze kwakubo.
Kubikwa ukuthi ngemumva kwalesi sigameko, umsolwa uphindele lapho bekuhlezi khona abangani bakhe eyoqhubeka notshwala abebuphuza.
Ummese okuthiwa ugwaze ngawo umufi, kubikwa ukuthi ufike nawo uconsa igazi maqede wakhombisa abangani bakhe ukuthi usemgwazile uButhelezi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe:
“ Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-32 ngecala lokubulala. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi, eMlaza namhlanje ( izolo).