ABHODLA umlilo amaNazaretha ngothisha waseSivananda High okuthiwa ushemule abafundi abangabafana bakulesi sikole ngoLwesithathu ethi isihluthu asivumelekile ebafaneni.
Kuthiwa akazange abanikeze ithuba abafundi abasonta kwaShembe ukuthi bachaze ukuthi kungani
bengagundi.
UMnuz Thembinkosi Mnyandu uyise womunye umfundi ofunda uGrade 8 kulesi sikole oshenyuliwe, uthe umfana wakhe akakaze agunde selokhu azalwa. Ezikoleni abefunda kuzo othisha bebemtshele ukuthi akagunde bese eya esikoleni ayochaza ukuthi akagundi ngenxa yenkolo yakhe.
“Kulokhu izinto zenzeke ngenye indlela, uthisha kuthiwa uvele wafika ekilasini wangenela bonke abafundi abangabafana abanezihluthu wabagunda. Owami akakwazanga nokuchaza ukuthi okwakhe kwehlukile ngoba kuhambisana nenkolo. Le nto eyenziwe uthisha iyindelelo ngoba umkhandlu wamaNazaretha wakukhuluma noMnyango wezeMfundo. Lo mnyango waze wakhipha isekhula wazisa othisha ukuthi bangazishemuli izingane zamaNazaretha. Angiyena uthisha kodwa lokho ngiyakwazi. Uthisha ngikholwa ukuthi ukwenze lokhu ngoba edelela efuna ukubona ukuthi uzokwenziwani,” kusho uMnyandu.
Uthe indodana yakhe izoqhubeka iye esikoleni injalo ngeke ayigunde ngoba izingane zakhe zonke azigundi.
“Umfana wami uhlekwa ngezinye izingane kodwa ngeke ngimgunde uzoya enjalo esikoleni zize zihlume izinwele lapho egunde khona. Ngivule icala ukuze uthisha afunde isifundo,” kusho yena.
UMnuz Willington Myeni woMkhandlu obhekele ukuhlukunyezwa kwamaNazaretha, uthe ukushenyulwa kwabafundi ezikoleni kukhombisa ukuthi inkolo yamaNazaretha ibukelwa phansi.
“Bonke othisha bayasifunda isahluko sesibili soMthethosisekelo esichaza ngamalungelo enkolo ezikoleni. Othisha baphatha isikele esikhundleni sikashoki. Ukugunda amakhanda akuwona umsebenzi wabo angazi noma banesifiso sokusebenza ezindaweni ezicwala izinwele yini. Sizovula elinye icala lokubukelwa phansi enkantolo yokulingana,” kusho uMyeni.
UCol Thembeka Mbele okhulumela amaphoyisa uthe kuvulwe icala lokuhlukumeza esiteshini samaphoyisa KwaMashu, emva kokushenyulwa komfundi oneminyaka ewu-13 esikoleni.
UMnuz Muzi Mahlambi, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bonke othisha bayazi ukuthi ukushemula abafundi abangagundi ngenxa yenkolo yabo kuyicala ngoba isekhula yakhishwa.
“Sizothumela abahloli abazobheka ukuthi kwenzekeni eSivananda,” kusho yena.