FANELESIBONGE BENGU
UHLELO lomculo lweSABC 1, i Live Amp, luzosakazwa bukhoma KwaMashu namhlanje ntambama njengoba kuzobe kukhona ipre-party yamaSama azoba se-ICC ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku. I Live Amp, eyethulwa nguLerato Kganyago noDJ Warras, izobe isakazelwa e-Artizen Lounge kusukela ngo-7.30 ebusuku.
Umdidiyeli wohlelo uSjula Dlamini uthe abantu kumele balindele into yamehlo.
“Uyazi noma yikuphi lapho sifika khona ziyawa kuphela,” kusho uSjula. Isikhulu esiphezulu samaSama okungaka-22 kulo nyaka, uRefiloe Ramogase, sithe ngaphandle kwemiklomelo miningi imicimbi abayihlelile abazobe behambisana nemisakazo eyehlukene kuyo.
“E-Chairman Lounge kuzobe kukhona i-Afro Cafe kudlala umculo opholile we-jazz. NgeSonto sizobe sise-Under The Moon, eNanda, lapho sizobe sihambisana khona neRadio 2000 ezobe isakaza bukhoma khona. Kuzobe kunandisa uRobbie Malinga noNathi,” kusho uRefiloe.
AmaSama azobe eqala ukuthi abe seThekwini selokhu asungulwa. Amathikithi akhona atholakala eComputicket ngemali eqala ku-R350.
Kwabangeke bawathole kuhlelwe indawo yokuwabuka bukhoma kuWalnut Road lapho kuzobe kufakwe khona ama-screen futhi kunandisa nabaculi abehlukene. Khona kungenwa ngemali eqala ku-R150. Umcimbi uzophinde usakazwe bukhoma kuSABC 1 kusukela ngo-8 ebusuku.