UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule ngempelasonto obekhankasa ePhillipi eWestern Cape. Isithombe: Phando Jikelo
UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, uzichithile izinsolo zokuthi uthenga amavoti emuva kokuthi eshiye imali komunye umndeni omkhombise ukuthi awunakho ukudla.

UMagashule utshele izintatheli ukuthi akusibo ubuntu ukushiya abantu belambile ekubeni unawo amandla okusiza.

“Akukhona ukuthi ngithenga amavoti kodwa ngenza ubuntu, angikwazi ukushiya abantu belambile ekubeni nginawo amandla okubasiza. Uma unoR20 noma uR50 akufanele ushiye abantu belambile,” kusho uMagashule.

Ngempelasonto uMagashule ubekhankasa ePhillippi, eWestern Cape.

UMnuz Mike Moriarty, weDA, uthe bazobika uMagashule kwi-IEC ngoba uphule umthetho wokhetho ngesikhathi enika owesifazane uR400 ezama ukugaya ivoti le-ANC.

“UMagashule uphule umthetho wokhetho ngokupha abantu imali ukuze bavotele i-ANC. Kukhombisa ngokusobala ukuthi bawafuna ngenkani amavoti abantu, baze bawathenge ngemali. Baphinde bahlohle abantu ukuthi babhikishe kubo bonke omasipala bethu njengoba bengasabi ukuthenga amavoti,” kusho uMoriarty.

Uthe ngeke bathule babuke i-ANC isebenzisa amaqhinga ukuwina ukhetho ngoba ifuna ukhetho lube ngolukhululekile olungenakho ukwenzelela.

Usole i-ANC ngokudala izinkinga ezibhekene nabantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi inkinga yokungasebenzi kwabantu.

I-IEC ithe azophenywa wonke amacala abikwa kuyona.