UMBHISHOBHI Sicelo Miya ochitha izinsolo ezibhekiswe kuyena
Image: Sithunyelwe
UMBHISHOBHI Sicelo Miya ochitha izinsolo asolwa ngazo kwiFacebook
Image: Sithunyelwe
UKHALA ngokubhecwa ngobende inyama engayidlile uMbhishobhi webandla iLiving Well Ministries, elizinze eZimbokodweni eNingizimu yeTheku, osolwa kwiFacebook ngokushona komkakhe nokuthwala ngamalungu omndeni wakhe.
Phakathi kwezinsolo ezibhekiswe kuMbhishobhi Sicelo Miya waseMzinyathi eNanda, kubalwa ukuthi waba nesandla ekushoneni komkakhe uMaMchunu ngo-2022 ngoba efuna ukushada nomngani kamufi agcine emgane ngo-Okthoba ngonyaka odlule.
Uphinde asolwe ngokuthwala ngamalungu omndeni wakhe, phakathi kwawo okukhona nomfowabo okuthiwa babesanda kuxabana naye owabulawa ngokudutshulwa. Izinsolo ziqhuba zithi ngisho sekushone unina, wancengwa ukuba aye emngcwabeni kwathi emva kwalokho wosa inyama ejabulela ukushona kwakhe.
Uphinde anukwe ngokushona kwezingane zakhe ezintathu ayezithole kuMaMchunu, ukuhlukumeza umufi esaphila ngokumshaya ngeketanga nokuhamba izinyanga. Zonke lezi zinsolo zivela kwiFacebook ngaphansi kwegama likaBongi Madida, nokho osezisusile.
UMiya usola uNksz Nosihle Mchunu, ozalwa udadewabo kamufi, ngokubhala lezi zinsolo kwiFacebook esebenzisa igama likaBongi Madida emva kokuxoxa namanye amalungu omndeni wakhe athe kukhona kuwo nomuntu omdala. Eziphendulela uMiya, uthe uyafisa ukwazi ukuthi zisukelaphi izinsolo nokuthi uthwale nini ngoba amanye amalungu omndeni kamufi abehlala kwakhe futhi evakasha ngisho engasekho.
"UNosihle nje ukhulele phambi kwami kwaze kwaba uyakhulelwa, ngamthatha ngoba uyise edinwe wukukhulelwa kwakhe. Ngiyamangala ukuthi babengakuboni ngani konke lokhu asebekusho manje ukuthi ngingumbulali nosikhotheni."
Uthe inkinga iqale emva kokushadelwa wunkosikazi omusha, uMaNtshangase, ababambisene naye emsebenzini wesonto. Uthe uMaNtshangase akaze abe wumngani kamufi, babehlanganiswa wumsebenzi wesonto kwazise bebekhonza ndawonye.
Uthe eyokuthandana kwakhe noMaNtshangase yaqala ngo-Agasti nyakenye. Uqhube wathi konke okwenziwa emva kokudlula komuntu emhlabeni wakwenza ngisho nokwembulwa kwetshe lomkakhe lesikhumbuzo sakhe. Mayelana nomfowabo owabulawa, uthe umbulali wakhe waboshwa waze wagwetshwa.
Emngcwabeni kanina uthe wayengeke akwazi ukuya ngoba kwakunezinkinga emndenini kwaze kwangenelela uninalume noMaMchunu wagcina eyile kodwa eyokosa inyama akayazi.
"Ukubulawa komuntu wesifazane eNingizimu Afrika kuyinto ethathelwa phezulu. Njengoba bethi ngangishaya umkami ngeketanga, kungani ngingaboshwanga ngoba kuyicala elibomvu ukuhlukumeza abesifazane?"
UMiya uthe usola ukuthi enye imbangela yalezi zinsolo wukuthi waphuca udadewabo kamufi imoto ayemdayisele yona ngoba engasakhokhi. Uzichithile nezinsolo zokuthi uhamba izinyanga. Uveze ukuthi usevulele uNosihle icala emaphoyiseni.
"Ngiyafisa ukwazi ukuthi sezivelaphi zonke lezi zinsolo ngoba nomlamu wami wazi konke besinaye kugula udadewabo kwaze kwaba uyashona. Wathini umbiko kadokotela ngembangela yokushona kwakhe?" kubuza yena.
Ethintwa uNosihle, uthe kade ayemtshela uMbhishobhi Miya ukuthi akazani nalezi zinsolo nokuthi akusiyena uBongi Madida obhale kwiFacebook.
"Angazani nalesi zinsolo, umkhulu (uMiya) besimthatha njengobaba. Eyokuthwala ngiyizwe kwiFacebook, ukuba bekunjalo ngabe kade sabona ngoba besihlala naye," kusho uNosihle othe useze wamvala uMbhishobhi Miya ocingweni lwakhe ngoba umthumelela imiyalezo emthuka.
Ubuze ukuthi kungani angaphenyi ngalo Bongi Madida, kwazise ubuchwepheshe buyakwazi ukuveza umsuka wezinto ezibhalwa ezinkundleni zokuxhumana.
"Uma esetholile ukuthi angiyena uBongi Madida uyobuya yini ezoxolisa kimi? Ngibona ukuthi umuntu owenza lezi zinsolo wazi konke ngaye, mhlawumbe usesontweni lakhe noma usondelene naye."
Uthe okwenzekayo akumkhathazi ngoba uMbhishobhi Miya wazisholo yena ukuthi akukho osekubahlanganisa.
Related Topics: