BEKUGCWELE kunyinyitheka kwa-W eMlaza izolo kungcwatshwa umculi obefufusa obeyisishoshovu sabathandana nabobulili obufanayo, uLindokuhle Cele (23), ogwazwe amanxeba angu-21 kubuka abantu ebhusha ngesonto eledlule.
UCele ubeyilungu lenhlangano yabathandana nabobulili obufanayo iLesbian, Gay, Bisexual, Transgender, Queer and Intersex (LGBTQI), aphinde abe ngumculi.
U-anti kamufi, uNombuso Cele, uthe ummangalelwa okuthiwa ugwaze uCele ungumuntu onenzondo yabantu abathandana nabobulili obufanayo futhi akawakhathelele amalungelo abo.
Uthe ngosuku ashona ngalo uCele wayeyothenga inyama ebhusha eliseduze nakubo.
Uveze ukuthi esamile ebhusha, elindele ukuthenga inyama kwama itekisi kwaphuma owesilisa waqonda kuCele, wamngenela ngommese emgwaza. “Wakhala ecela usizo ebuza nokuthi ugwazelwani? Wayencenga futhi exolisa kodwa ummangalelwa engamgqizi qakala, eqhubeka nokumgwaza,” kusho uNksz Cele.
Uthe uLindokuhle wazalwa evele enezimpawu zokuthi ungowesilisa othandana nabobulili obufanayo futhi ngisho esekhulile ubengakufihli lokho. Eqhuba, uthe bengumndeni bebemthanda.
USomlomo kuMasipala weTheku, uNkk Weziwe Thusi obesemngcwabeni, uthe umphakathi waseMlaza kumele uzibone usehlazweni ukuba nabantu abasazonda abathandana nabobulili obufanayo ngalolu hlobo. Uthe wonke umuntu unelungelo lokuphila, akukhathalekile ukuthi uphila yiphi impilo.
“Sisebenza ngokubambisana nezishoshovu zeLGBTQI, ukufundisa, ukuba nothando nokwesekana kuwona wonke umuntu,” kusho uNkkz Thusi. Umngani kaLindokuhle, uNokukhanya Mathebula uchaze umufi njengomuntu onoxolo.