USibusiso Ncengwa
Image: Sabelo Nsele
UCELE ukushaywa ngoswazi oluncane inkabi evume icala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa. USibusiso Ncengwa, ovume icala lokusoconga uMagaqa, ucele ukuba inkantolo ingaqinisi isandla uma isimgweba.
Ukusho lokhu ngesikhathi ezikhalela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, namhlanje.
Inkantolo izogweba uNcengwa emva kokulalela izethulo. Ummeli kaNcengwa, u-Advocate Andrew Matlamela, utshele inkantolo ukuthi uNcengwa uyazisola.
"Ingakho avuma icala, waphinde futhi waxolisa emndenini kaMagaqa."
UMatlamela uthe bayazu ukuthi umuntu olahlwa icala lokubulala uthola udilikajele, kodwa wathi bakhalela ukuthi inkantolo izwele uNcengwa.
Amalungu e-ANC Youth League ayabhikisha ngaphandle kwenkantolo njengoba efuna ukuthi uNcengwa anikezwe isigwebo esiqinile.