UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uthi bazimisele ngokuchibiyela imigomo yokusebenzisa izinkundla zokuxhumana emaphoyiseni ukuze baqinise amabhawodi baqinisekise ukuthi amaphoyisa awehlisi isithunzi sombutho kuFacebook.
UCele ulumane indlebe naleli phephandaba ngesikhathi ezokwethula umbiko ngenqubekela phambili emacaleni okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal. Isithangami sabezindaba besibanjelwe ekomkhulu lamaphoyisa esifundazweni.
Uthe bayawubhekisisa umthetho wokuziphatha kwamaphoyisa ezinkundleni zokuxhumana, nokusetshenziswa komfaniswano wamaphoyisa ezintweni ezingagcina zidicilela phansi isithunzi sawo.
Amaphoyisa sekukaningi ebonakala ezinkundleni zokuxhumana ezishuthe nezibhamu nomfaniswano wamaphoyisa egabisa ngakho, amanye evele eshuthe notshwala. Kunezithombe esezidlangile ezinkundleni zokuxhumana amanye amaphoyisa evela ehuqa ubuthongo ezimotweni ngesikhathi somsebenzi nokuyinto engase idicilele phansi isithunzi sawo.
"Sisebenzela phezu kwalo lolu daba ngoba ikhona imigomo ebekiwe yokuziphatha kwamaphoyisa. Le nto ihamba ize ithinte nokusebenza kwezimpahla zamaphoyisa emidlalweni yethelevishini. Siyabavumela abemidlalo uma bezoqwashisa ngobugebengu emidlalweni yabo noma bezolekelela ekulweni nobugebengu," kusho uCele.
Uqhube wathi: “Uma kukhona ofisa ukusebenzisa impahla yamaphoyisa uthumela incwadi emnyangweni wezokuxhumana emaphoyiseni sicubungule isicelo bese sikhipha imvume."
Maqondana nokuthi amaphoyisa abonakala enza amagilosa nemifaniswano uCele uthe: “Amaphoyisa kufanele ahlale elindele ukusiza umphakathi noma ngabe kunini noma kuphi ngoba umsebenzi wawo awuqashelwe lowo.
"Sisezinhlelweni zokusebenzisana noMnyango wezokuXhumana nePosi kuleli ukuze siqinise nomthetho wokubhaliswa kwezinombolo zamaselula nokuyinto ebalulekile uma kuliwa nobugebengu.
"Sibuye sibe nenkinga uma silandela umkhondo sisebenzisa izinombolo zamaselula. Kuyacaca ukuthi kukhona lapho okuxega khona kufanele siyibhekisise le ndaba. Sizimisele ngokubambisana nayo yonke iminyango ethintekayo ukuze sisebenze ngempumelelo."