Izindaba

UCele uhlabe utshwala eyovela kwabafelwe oThongathi

Khulekani Maseko|Published

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele obevakashele umndeni ka-Andile 'Bobo' Mbuthu izolo eyobhonga emswaneni UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele obevakashele umndeni ka-Andile 'Bobo' Mbuthu izolo eyobhonga emswaneni

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, usephinde wagxeka utshwala wathi ayikho into enhle ephuma otshwaleni.

UCele obevakashele umndeni womfundi owabulawa ngesihluku emasontweni amabili adlule, elokishini iHambanathi, oThongathi, uthe akekho umuntu owaziwayo oke wasimama ngenxa yotshwala.

UCele ohlangane nomndeni ka-Andile "Bobo" Mbuthu eyobhonga emswaneni, uthe nakulesi sehlakalo kuthinteka utshwala.

“Kuboshwe abantu ngaleli cala, endaweni okwenzeke kuyo icala kuthinteka utshwala. Kumele ngabe izinsiza zigxile ekulweni neCoronavirus kodwa sigxile odabeni lotshwala.”

Uthe wanelisekile ngomsebenzi wamaphoyisa.

“Zintathu izizathu ezisilethe lapha, esokuqala yileso sokuthi sikhulume nomndeni, sivakashele esiteshini samaphoyisa siphinde sibone indawo okwabulawelwa kuyo umfana. Umndeni wanelisekile ngomsebenzi owenziwa ngamaphoyisa ezingeni lesifundazwe kulolu daba kodwa bekungamele ngabe amaphoyisa esifundazwe enza umsebenzi kodwa bekumele wenziwe awesiteshi,” kusho uCele.

Unina omncane kaBobo, uNksz Zodwa Jali, uthe umndeni unesifiso sokuthi kusheshiswe ukuhlolwa kwesidumbu okusolakala ukuthi esikaBobo ukuze usheshe udlule kulesi simo.

UCele uthe nakuba uhlelo lokuhlolwa kolibofuzo njengoba isidumbu sitholwe sigenciwe sashiswa, kuthatha isikhathi eside kodwa bazozama ukuthi kusheshwe.

UCele ubehambisana noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutanant General Khombinkosi Jula noNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uMnuz Bheki Ntuli.

Kube namahlebezi angaqinisekisiwe okuthi kunomunye othathiwe wayophekwa ngemibuzo mayelana nalolu daba ngoMsombuluko ebusuku kodwa amaphoyisa awakuqinisekisanga lokhu.

UBobo ubulawe emasontweni amabili edlule okusolwa ukuthi kuthinteka nomnikazi wendawo yokucima ukoma nabathile aboshwe nabo kanti kuthiwa babemsola ngokweba utshwala.

Abasolwa abayisithupha bavele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoMsombuluko bazophinde babuyele enkantolo ngoLwesibili bezocela ibheyili.