UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Bheki Cele uthi wenelisekile indlela okuqhubeka ngayo uphenyo lwamaphoysa mayelana necala lokudutshulwa kubulawe owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
UMeyiwa wabulawelwa emzini wakubo kaKelly Khumalo, anengane naye, eVosloorus, eGauteng, ngo-Okthoba 2014.
UCele ubekhuluma engqungquthela yenyunyana yamaphoyisa nojele iPopcru izolo eNkosi Albert Luthuli ICC.
Uthe njengamanje abafuni ukuxhamazela benze amaphutha azobenza babuyele emuva ophenyweni asebelwenzile.
Uveze nokuthi ukungenelela kwe-AfriForum, ngoLwesibili ethembise ukusiza umndeni kaMeyiwa ukuthola ababulali ukuze bashushiswe, kuwukuhlambalaza uphiko lwezokushushisa amacala omphakathi iNPA.
“Okwethu ukuthola isisombululo ngaleli cala hhayi ukuhlambalaza okuyinto ezokwenzeka. Nginonyaka ngibhekene nalolu daba. Umndeni kaMeyiwa wathi wenelisekile wuphenyo lwamaphoyisa waveza nezinye izinto engingeke ngiziphinde ngoba wazisho esidlangalaleni,” kusho uCele.
Ukugcizelele ukuthi ithimba lamaphoysia lisebenza ngokubambisana nomndeni kaMeyiwa futhi bazothola umkhombandlela kumshushisi ngokumele bakwenze bebheke phambili.
UCele uthe ngesonto eledlule yena nozakwabo eMnyangweni wezobuLungiswa uMnuz Ronald Lamola nobuholi obuphezulu emaphoyiseni bahlanganile badingida lolu daba.
Phambilini kuke kwaba nezinsolo ukuthi amaphoyisa ayephenya leli cala agwazelwa ukuze acishe ubufakazi. Kwavela nezinsolo zokuthi aphila impilo ephezulu.
I-AfriForum ithe kuyihlazo ukuthi kumele kungenelele abaphenyi abazimele odabeni olufana nalolu.
Ithe isinalo iqhinga ezophenya ngalo kanti bazoqala ngokucela emaphoyiseni konke okwakhulunywa ababekhona endaweni yesigameko ngesikhathi kudutshulwa uSenzo.
Bathembise nangokuxhumana neNPA ukuthola kabanzi ngombiko wokuthi kunomphenyi owaveza ukuthi ofakazi, okukhona kubo uKelly owayethandana noSenzo ngesikhathi sokufa kwakhe, bahubhuza amanga ngesikhathi behlonywa ngemibuzo esiteshini samaphoyisa.
UCele uphinde waphawula nangokudutshulwa kulinyazwe uMnuz Thabani Zulu owayengumngani kaMnuz Sindiso Magaqa owayengunobhala we-ANC Youth League owabulawa.
UCele uthe awukho umthetho ogunyaza amaphoyisa ukuthi abe onogada besakhamuzi ngasinye emphakathini.
“Umthetho uthi kuqalwa ngokwenziwa uphenyo njengoba izinhlaka ezimbili okuyiState Security neCrime Intelligent zathola ukuthi impilo kaZulu isengcupheni.
Zibe seziya ezinhlakeni ezifanele zibike ukuthi yebo umuntu wenu usengcupheni yokwenzakaliswa,” kusho uCele
Uthe yilona hlelo olulandelwayo nakumakhansela agadwayo.
“Amakhansela agadwa ngemuva kwesinqumo esisuke sithathwe wumkhandlu okuba yiwona obafunela onogada uma sekuvelile ukuthi impilo yawo isengcupheni,” kusho uCele.
UZulu watshela ababethamele umngcwabo kaMagaqa ukuthi umufi wabulawelwa ukuveza kwakhe inkohlakalo mayelana nokwakhiwa kwehholo kuMasipala waseMzimkhulu.
Njengamanje uZulu usekubhaceni ngemuva kwesigameko sokulalelwa unyendle eseCopesville, eMgungundlovu, wadutshulwa engalweni.