OBAMBE isikhundla sikangqongqoshe ehhovisi likamengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni uthi ungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele ubeyoqinisekisa ukuthi owayengumengameli wakuleli usawulandela umthetho eNkandla.
UNtshavheni uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kwenkulumo kamengameli ePhalamende obephendula imibuzo ebekwe amaqembu aphikisayo ngenkulumo yakhe ayeyibhekise esizweni ngesonto eledlule.
Ngaphambi kokuthi aphendule uRamaphosa, ngoLwesine ekuseni kusabalale izithombe zemoto kaCele eyovakashela uZuma emzini wakhe eNkandla, osuvakashelwe abaningi selokhe kwafika umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema 'eyophuza itiye naye'. Ebuzwa ngenhloso yalo mhlangano, uNtshaveni uthe njengoba kuphithizela kulezi nsuku ngaphandle komuzi kwalowo owayengumengameli, kumele baqinisekise ukuthi umthetho usalandelwa.
“Ungqongqoshe wamaPhoyisa kuwumsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi uyalandelwa umthetho wakuleli. Ngicabanga ukuthi niyazi ukuthi kwenzekani eNkandla, kunezinto ezenziwayo ezingavumelekile ngokomthetho ukuthi zenzeke, kunabantu abagqoke umfaniswano wamasosha...ngakho kumele kube nenkulumo ngokuthi zingehliswa kanjani lezo zinto, nokuthi zinganqandwa kanjani ngoba ngeke sivumele ukuthi udelelwe umthetho wakuleli,” usho kanje.
Kuzokhumbuleka ukuthi amalungu oMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA) ankanise ngaphandle komuzi kaZuma futhi asefunge agomela ukuthi azomvikela uma eboshwa.
UNtshavheni uthe bekungesona isinqumo sekhabhinethe noma sikamengameli ukuthi avakashele uZuma, kunalokho uthe uCele ubenza umsebenzi wakhe.
Ibhala ngalo mhlangano kuTwitter indodakazi kaZuma uDuduzile, ithe laba baholi babe nengxoxo enhle kodwa abaliphuzanga itiye lodumo.
“Ezinye zezinto okukhulunywe ngazo ukuthi uma kukhishwa incwadi egunyaza ukubopha (uZuma), ngungqongqoshe ozombopha,” kubhala uDuduzile.
No #NkandlaTea was served but great conversations and laughs were shared amongst Comrades, one of them being, should an arrest warrant be issued, it is the Minster that would come and fetch @PresJGZuma 🤣 pic.twitter.com/ddFuAoC2TN
— Dudu Zuma-Sambudla (@DZumaSambudla) February 18, 2021