UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usenxuse amakholwa ukuthi akhulekele ukhetho okulindeleke ukuthi lube ngoMeyi nonyaka ngoba lubaluleke kakhulu.
URamaphosa obesebandleni iMethodist Church of Southern Africa (amaWeseli) eDurban Exhibition Centre eThekwini izolo, uthe lolu khetho lubaluleke ukudlula olwango-1994.
“Lubaluleke kakhulu ukhetho oluzayo. Kukhona abakholwa wukuthi lubaluleke ukudlula olwango-1994. Siyacela ukuthi nikhulekele ukuthi kube nokhetho olunokuthula,” kusho uRamaphosa.
Uthe izwe lilapho likhona kanjalo ne-ANC ngenxa yomkhuleko.
Uthe iMethodist yabamba elikhulu iqhaza ngesikhathi kubunjwa i-ANC.
“Sibuyele emabandleni ngoba uKhongolose wasungulwa abamabandla. Kwahlangana abamabandla eMangaung ngoJanuwari 8, kwabunjwa i-ANC,” kusho uRamaphosa.
Unxuse ukuthi kukhulekelwe nabantu abazojutshelwa ePhalamende naseziShayamthetho.
Ukhulume nangezinto ezenziwa nguhulumeni we-ANC okubalwa imfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uthe ziyehla nezehlakalo zokubulawa kosopolitiki kulesi sifundazwe wathi kumele kuliwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane, izingane nabakhubazekile.
Ngemuva kokuthula umhlahlandlela wokhetho eMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibelo, uRamaphosa uhlangane nabaholi bamabandla bamkhulekela.
Umkhuleko ube semzini woMbuso kaRamaphosa oseThekwini eDube House kanti abanye babafundisi abebekhona kubalwa uMphostoli Collins Dhlomo webandla iCovenant Fellowship Church International nowakwakhe uNomusa.