UZOFAKA isicelo sebheyili okwesibili uthisha waseMaduladula Primary osolwa ngokushaya isitshudeni esasifundela ubuhlengikazi esibhedlela saseNquthu esagcina sifile.
UMnuz Mgcini Sangweni (26) wanqatshelwa ibheyili ngoNovemba ngonyaka odlule. NgoMsombuluko uphinde wanxusa iNkantolo yeMantshi yaseNquthu ukuthi ilalele isicelo esisha sebheyili.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo walo obusenkantolo, ummeli omusha kaSangweni kuthiwa utshele inkantolo ukuthi baqukethe ubufakazi obusha ngokwenzeka ngelanga lesigameko uNovemba 9 ebusuku.
Inkantolo ikuhlehlisele uMashi 12 nonyaka ukuze inkantolo ilalele isicelo sakhe esisha sebheyli.
USangweni ubhekene necala lokubulala nelokuphazamisa ukusebenza komthetho.
Usolwa ngokuthi wabulala uNksz Nomvelo Mncube (26) lapho kuhlala khona abahlengikazi emagcekeni esibhedlela iCharles Johnson Memorial, eNquthu.
Unobhala weNehawu esifundeni iMagwaza Maphalala, uMnuz Ntokozo Nxumalo, uthe umthetho kumele uthathe indawo yawo.
“Umsolwa kumele alinde ukuqala kokuqulwa kwecala lakhe khona ezochazela inkantolo kahle ukuthi kwenzekani ngelanga okwashona ngalo umufi? Asifuni anikwe ibheyili, siphezulu isibalo sezigameko zodlame olubhekiswe kubantu besifazane kuleli,” kusho uNxumalo.
Khonamanjalo: Lihlehliselwe uMashi 17, nonyaka icala lekhansela likaMasipala waKwaDukuza elibhekene necala lokubulala amabhungu amabili ayesolwa ngokugqekeza imizi elokishini eVelani ngoNovemba nyakenye.
Ikhansela laku-ward 7, uMnuz Bonginkosi Innocent Dindi, belivele eNkantolo yeMantshi yaseMhlali nelisolwa nabo abathathu okungoMnuz Ronald Ndimande nendodana yakhe uSibongiseni Ndimande, noMnuz Bongumusa Mkhize.