ITHUKUTHELE iyavutha imbongi yesifazane yodumo lwengoma kaVusi Nova ethi, Asiphelelanga, uJessica Mbangeni, emuva kokuhlanjalazwa phambi kwezinkumbi zabantu ngesikhathi kutshalwa iNgonyama yamaXhosa, uZwelonke Mpendulo Sigcawu, esigodlweni sayo iNqandu e-Eastern Cape ngoLwesihlanu.
Le mbongi iyalelwe ukuba yehle esteji isathi ibongela owayengumengameli wakuleli, uMnuz Thabo Mbeki, enkonzweni yalo mngcwabo. Kuhlukane imibono ngesikhathi uMkhuzi wamasosha kuleli, uGeneral Mbuyiselo Mgwebi, ehlwitha kabuhlungu i-microphone kuJessica eseqalile ukuhaya.
Lesi sigameko esigcwele ezinkundleni zokuxhumana senzeke kubheke umhlaba.
Engxoxweni neSolezwe, uJessica uthe uhlambalazekile.
“Ngiyeke konke ngoba ngithi ngizohlonipha iNgonyama yami. Bekufanele ngiye e-Angola lapho bengizohola khona uR150 000 kodwa ngakhetha ukuyongcwaba inkosi yami. Mina angiyona imbongi kuphela kodwa ngiwumkhulumeli wesizwe samaXhosa. Emhlabeni wonke ngiyahlonishwa ngoba ngisezingeni loBeyonce.”
Uvumile ukuthi kunamaphutha enzekile ngokungawaqondi amanye amasiko esintu.
“Noma kunjalo kodwa bekungafanele ngihlambalazwe. Angiyona imbongi kuphela kodwa ngibuye ngibe wumbhishophi ebandleni futhi bengibonisiwe ngalesi sigameko ngaphambi kokuba senzeke. Ngisho nasemathuneni ngibuye ngaxoshwa, kwathiwa angisuke phambili, ngiyohlala emuva. Nakhona angisusanga msindo kodwa ngithobele umthetho ngoba ngihlonipha iNgonyama. Ukube ngiyihlongandlebe bengizosusa umsindo.”
Uthe uSigcawu ubemkhonzile kangangoba kukhona abake bathi akabizelwe koMkhulu ayohlawula njengoba ayevunule ngesikhumba sebhubesi kodwa uSigcawu washaya phansi ngonyawo.
“Nalapho babefuna ngihlambalazeke phambi kwabantu ngoba babengazi ukuthi mina ngase ngiyazisile iNgonyama ukuthi ngizovunula ngesikhumba sebhubesi futhi yangivumela.”
Uthe akuqali ngaye ukuba umuntu wesifazane abe yinyosi njengoba uNontsizi Mgqwetho, owayezibiza ngeMbongikazi uChizama, aba yimbongi yokuqala eyashicilela izinkondlo zayo ephephandabeni laseGoli, Umthetheleli Wabantu.
“Sekuyisikhathi sokuthi nathi singabantu besifazane sibhukule ukuze sikhululeke,” kusho uJessica.
Okhulumela iNdlunkulu yamaXhosa, uMntwana Xhanti Sigcawu, uthe okwenziwe nguJessica kukhombise ukubukela phansi iNdlunkulu ngoba bebeceliwe ukuba bangabongeli kodwa wabongela ngenkani futhi undendende.
“Into ayenzile iyanyanyisa nje. Besingeke sibe nendaba ukube beyenziwe ngumuntu wakwelinye izwe. Nasemathuneni bebeceliwe abesifazane ukuba bangezi kodwa yena waqhamuka esegqoke ezobufundisi. Bakhona nabanye abefundisi besifazane abebekhona kodwa abayanga emathuneni,” kuphawula uSigcawu.