UFISA ukubona osomabhizinisi abancane behweba nezinkampani ezinkulu zaphesheya owesifazane osophikweni lwezemisebenzi enkampanini ekhiqiza amamitha kagesi.
UNkk Pretty Ntombela (39), oyiProcurement Manager kwaConlog, uphinde aphathe nophiko olubizwa nge-Enterprise and Supply Development. Ungene kulolu phiko lokuthuthukisa osomabhizinisi emuva kokubona ukuthi kunemikhiqizo okumele ithengwe phesheya engatholakali kuleli.
Uthe wuthando lokusiza abantu olwenza kube lula emsebenzini. Uchitha isikhathi esiningi ekwamanye amazwe eqinisa ubudlelwano nosomabhizinisi bakhona.
“Ngiyathanda ukuthi osomabhizinisi abancane bathole amathuba omsebenzi kwamanye amazwe. Kuwumsebenzi wami ukukhangisa amabhizinisi abo kwamanye amazwe ukuze bahwebelane nawo. Angigcini ngokubasiza ukuthi bahwebe nathi kwaConlog kodwa ngibahlanganisa nabo bonke osomabhizinisi,” kuchaza uNkk Ntombela.
Okumphatha kabi wukushoda kwentsha emkhakheni wemikhiqizo yezinto zikagesi. Uthe inkampani yabo isebenza ngezinto zikagesi njengoba bethenga nakwamanye amazwe imikhiqizo yokwakha amamitha kagesi.
“Sithenga imikhiqizo kagesi kwamanye amazwe hhayi ngoba sithanda kodwa wukuthi azikho izinkampani zayo kuleli. Sengiqale nokufundisa kakhulu intsha ngalo mkhakha ukuze ithole amathuba nathi siyeke ukuthenga imikhiqizo ngaphandle,” kusho yena.
Omunye umsebenzi wakhe wukukhulisa osomabhizinisi abancane ngokubacobelela ngamasu okwenza bakhangiseke phesheya. Uthe inselelo ekhona wukuthi abanye abakangeni kahle kwezobuchwepheshe. Kwesinye isikhathi lokhu kubalahlekisela ngamathuba okuhweba namanye amazwe.
“Isikhathi sesishintshile yonke into isebenza ngobuchwepheshe. Abanye baphuthwa amathuba sengibatholele amabhizinisi uthole ukuthi bashaywa wukungabi nalo ulwazi kwezobuchwepheshe. Salimala kusukela kudala ngoba ezikoleni zethu besingafundiswa amakhompyutha. Lokhu kwenza ukuthi abanye abebevele sebesemabhizinisini kube nzima ukufunda ubuchwepheshe,” kusho yena.
UNkk Ntombela, okhulele eBergville, uthe ufuna ukukhuthaza nabanye ukuthi akukhathalekile ukuthi baphumaphi kodwa okubalulekile ukuzimisela.
“Ngakhuliswa ugogo emakhaya emuva kokuba abazali bami behlukene. Manje sengihlala emihlanganweni nomengameli nezikhulu zezinkampani ezinkulu kwamanye amazwe. NgoNovemba kumele ngiye e-India ngiyocosha amasu amabhizinisi,” kusho yena.
UNkk Ntombela uneziqu ze-Enterprise Risk Management azithola e-University of Cape Town nezeMasters in Business Administration zaseMancosa. Uke waba yimenenja ye-Amatola Water Boards, eyeProcurement kwaTransnet National Ports Authority neNhloko yeStrategic Sourcing Unit kwiNational Treasury.