USOFA weLeather Gallery uPablo osubuyiselwe esitolo emuva konyaka kwenzeka izibhelu owantshontshwa ngazo Isithombe: SIGCINIWE
INJABULO isitolo sefenisha yezinjinga simemezela ngokusemthethweni ukubuya kukasofa wanokusho wesikhumba owaduma ngesikhathi sezidubedube zomtapo nyakhenye.
Lo sofa oluhlaza kaR79 999 nowawubiza uR67 999 owaziwa ngoPablo wavundululwa usucazwe phakathi kweminye yemijondolo emgwaqweni uQuarry eThekwini. Kumenyezelwe ukubuya kwawo ngenyanga owatatshwa ngayo nokwenze abantu bakuthakasela ukubuya kwawo baveze nokuthi uyazicupha izikhala.
Lesi sigameko sathinta abaningi nabanikazi besitolo bekhala becela ukuthungathiswa uPablo. Lo sofa owabonakala kwezinye zezithombe uhleli abantu emnyango eduze komjondolo kwathi emuva kosuku kwavela ukuthi ugcine ngokusikwa phakathi ukuze ungene endlini.
Kuvele kwachwaza ekhasini lalesi sitolo simemezela ukubuya kukasofa wodumo esitolo.
"Ngiyajabula ukuthi ubuyele ekhaya uPablo, kumele athole nokwelulekwa kancane," kusho uThato Tsautse.
"Sicela ayogcinwa e-museum khona nabazukulu bethu beyokwazi ngomlando wakhe," kusho uNothando Meloo Mkhize.
"Kumele ungadayiswa ugcinwe e-museum," kusho uMabaleng Mokonyama.
"Ubuye ngesikhathi esikahle somgubho," kusho uMokgadi Mokgadi.
"Uyiqhawe uPablo uphunyuke ngezikhathi ezinzima," kusho uTsakani Phetla.