SIBUYISELWE emsebenzini isilomo somsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, esaxoshwa ngo-Okthoba ngezizathu ezingadalulwanga.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomthombo walo ongashayi eceleni, uNgizwe bekumele ayongena ezindlini zoKhozi izolo ngo-10 ekuseni.
Inkontileka yakhe yanqanyulwa ethula uhlelo Isigqi Sezwe ngo-2 kuya ku-4 entathakusa ngoLwesibili kuya kuLwesine. Uhlelo selwenziwa nguLindani Hlophe.
“Akushintshe lutho ngenkontileka entsha. Osekusele manje wukuthi atshelwe usuku azoqala ngalo ukusakaza,” kusho umthombo.
Uqhube wathi indlela abantu abakhombise ukumeseka ngayo uNgizwe kungenzeka ukuthi ibe nomthelela ekutheni iSABC imbuyise.
UNgizwe unqabile ukuphawula wathi akukhulunywe nommeli wakhe, uVusi Tembe.
UTembe uthe bathole incwadi evela ophikweni lwezomthetho ekomkhulu leSABC, eGoli, ithi bayasihoxisa isinqumo sokunqamula inkontileka kaNgizwe.
“NgoMsombuluko sithole i-email ithi ngeke besawaphikisa amaphepha ethu enkantolo ngakho kumele aye emsebenzini ngo-10 ekuseni namhlanje (izolo),” kusho uTembe.
Ngo-Okthoba uTembe wathi udaba lokuxoshwa kukaNgizwe balufaka eNkantolo eNkulu yaseThekwini. Wathi luzolalelwa ngoFebhuwari 22 wonyaka ozayo.
“Asikawahoxisi amaphepha ethu. Sizolinda engimmele ukuthi abuyele emsebenzini ngaphambi kokuthatha isinqumo.”
UTembe ubonge abantu ngokumeseka uNgizwe njengoba bebaningi ababethi kumele abuye ezinkundleni zokuxhumana. Abanye baze bahlela imashi eya eSABC.
“Kuthina kuwukunqoba ngoba esimmele uthole abekufuna, obekuwukubuyela emsebenzini.”
Ethintwa okhulumela iSABC, uNeo Momodu ukuqinisekisile ukuthi isivumelwano sabo noNgizwe sivuseleliwe. “Kodwa ngeke sidalule isizathu ngokubuyiselwa kwakhe ngenxa yesivumelwano sakhe neSABC. Ukubuyiselwa emoyeni kusadingidwa ngabaphathi,” kusho uNeo.
Khonamanjalo usihlalo webhodi leziphathimandla ze-1KZN TV uDkt Themba Fakazi ubuyiselwe esikhundleni yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesibili ngemuva kokutholakala ukuthi ukumiswa kwakhe akubanga nabo ubulungiswa. Ngokwamaphepha asenkantolo (Isolewe elinawo), uJaji uGraham Lopes uthe kufanele uFakazi abuyiselwe ngokukhulu ukushesha esikhundleni sakhe futhi uma kunophenyo olwenziwayo, anikezwe imibiko yokuthi luhambe kanjani ukuze akwazi ukuziphendulela ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo.
Unobhala webhodi kufanele axhumane noFakazi njengosihlalo webhodi bese behlela umhlangano kungakapheli amasonto amabili. Naye uFakazi uyalelwe ukuthi angabe esayikhipha yedwa imali ebhange kodwa kuyofanele ahambisane nozakwabo futhi angaluphazamisi uphenyo.
UFakazi wamiswa emasontweni adlule esolwa emkhonyovini wemali. Ummeli kaFakazi ukuqinisekisile ukuhoxiswa kokumiswa kwekhasimende lakhe kodwa obesebambe isikhundla sakhe uMnuz Chris Mkhize uthe akakazi lutho akukhulunywe nommeli wesiteshi u-Advocate Edwin Gumbi obeluvalile ucingo.