SIMPHIWE NGUBANE
ZIMANGELE kodwa zabuyelwa ithemba izisulu zezibhelu zangoJulayi, ePhoenix, ngesikhathi zizwa umengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, egxeka izigameko futhi ekuveza obala ukuthi zazinenhlese yobuhlanga.
UMnuz Chris Biyela, ongusihlalo wekomiti elasungulwa nguNgongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, lokugcina ukuthula emiphakathini eyakhahlamezeka okuyiBhambhayi, eMaoti, eZwelisha nasePhoenix, uthe bamangazwe yinkulumo kaRamaphosa.
UBiyela, naye owaba yisisulu, uthe kubabuyisele ithemba ukuzwa uRamaphosa ekhuluma ngendlela izisulu ezibona ngayo izinto.
“Kubuye ithemba lokuthi ngelinye ilanga uhulumeni uyosilalela bese enxephezele imindeni eyashonelwa, eyalinyalelwa izihlobo zayo kukhokhwe nempahla eyacekeleka phansi. Akushilo kusimangazile ngoba besingakulindele,” kusho uBiyela.
URamaphosa uphumele obala wagxeka udlame lwangoJulayi, wathi lwalunenhlese yobuhlanga olwabonakala ePhoenix, eThekwini, ngesikhathi kunezibhelu zokutatshwa kwezitolo. Udalule lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe emcimbini wokugubha iminyaka engu-110 kwasungulwa i-ANC ePolokwane, eLimpopo ngoMgqibelo.
URamaphosa uqale wadlulisa amazwi enduduzo emindenini eyashonelwa ngamalungu ayo, wabonga izinhlaka zikaKhongolose nezakhamuzi ekuletheni uxolo nokuthula. Wathi ukungacwasi ngenye yemigomo i-ANC eyakhelwe phezu kwayo, abanye bashona bewulwela.
“Eyokungacwasi ibukeka ishabalala enhlanganweni yethu nasemphakathini wonkana. Isibonelo sakho isigameko esishaqisayo, esinenhlese yobuhlanga esenzeka ePhoenix ngesikhathi sezibhelu ngoJulayi ngonyaka odlule,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthe izibhelu zabeka ukuphepha kwezwe nozinzo engcupheni. Uchaze izibhelu ngento yamabomu, eyahlanganiswa yahlelisiswa.
Kwashona abantu abangu-36 ePhoenix iningi labo okungabohlanga abadutshulwa, abanye bashaywa bagencwa. Kwaboshwa abantu ababalelwa ku-59 okumanje bagqigqa inkantolo ngamacala okubulala, awokuzama ukubulala namanye.
IKhomishini yamaLungelo abantu inesigcawu esiphenya ngezibhelu ezenzeka KwaZulu-Natal, nasezingxenyni zaseGauteng, lapho okwashona abantu abalinganiselwa ku-350.