UBUYISELWE esikoleni umfundi waseFairbreeze Secondary obekuthiwa akasavumelekile ukufunda uGrade 11 okwesithathu kulesi sikole.
Lo mfundi ubehleli ekhaya ngesonto eledlule engazi ukuthi uzofunda kuphi ngoba asikho isikole esamukela umfundi ozokwenza uGrade 11.
Ubabekazi wakhe, uthe ushayelwe ucingo uthishanhloko ngoMsombuluko wathi akeze esikoleni bazobonisana.
“Uqale wangibuza ukuthi kungani ngingafikanga esikoleni ngoba kade athumela wathi angize. Ngambuza ukuthi wayetshele bani ngoba mina ngagcina ukukhuluma naye ngizifikele esikoleni ngizokhalaza. Ngemuva kwalokho angizange ngiphinde ngimthole ocingweni, bekuthiwa umatasa ngaze ngaya kumhloli, wathi angehlise umoya ngize esikoleni,” kusho yena.
Uthi ufike amaphepha ezimpendulo ayebhalwe yingane yakhe ayecele ukuwabona abesekhona yize kwakuthiwe ayimfihlo yesikole.
“Uthe beyisikole bayaxolisa ngokuthi bathi umfundi akayofunda eTVET kodwa ngeke bamvumele ukuthi aye kwaGrade12 ngoba kunezinto ezibhekwayo, akuvele kudluliswe noma ngubani. Uthe isizathu esikhulu esenza bangamdlulisi ukuthi ulove izinsuku ezingu-60. Ngithe uma ngibuza ukuthi lokho ukuthathaphi wathi ikhompyutha iveza lokho kodwa iriphothi liveza ukuthi ulove izinsuku ezingu-40. Uma ngibuza ukuthi kwenziwa yini kube nomehluko ongaka ngezinsuku okuthiwa uzilovile wathi abazi. Uma ngibuza ukuthi uma esebuya bayithola yini incwadi yokuthi ubeyephi ngemuva kwezinsuku eziningi kangaka bathi wathi ubephelezele ugogo eyohola impesheni. Anginelisekile ngezimpendulo zabo ngoba zinokushayisana okuningi, angikaze ngizwe kuthiwa uthisha angathula amukele ukuthi umfundi uthi ubephelezele ugogo eyohola izinsuku eziningi kangaka. Lezi zinsuku zicishe zilingane nekota yonyaka,” kusho yena.