U-Dkt Cedric Xulu okwesokunxele osegcine ejoyine i-IFP ngemuva kokusula ku-NFP kanti lapha uthathwe noNkk Zanele Magwaza-Msibi noSolwazi Nhlanhla Khubisa lapho babephika khona uqhekeko bethi babumbene ku-NFP. Isithombe: SANDILE MAKHOBA U-Dkt Cedric Xulu okwesokunxele osegcine ejoyine i-IFP ngemuva kokusula ku-NFP kanti lapha uthathwe noNkk Zanele Magwaza-Msibi noSolwazi Nhlanhla Khubisa lapho babephika khona uqhekeko bethi babumbene ku-NFP. Isithombe: SANDILE MAKHOBA
CELANI SIKHAKHANE noMLUNGISI GUMEDE
U SEBUYELE ku-IFP usomabhizinisi obeyisikhulu esiphezulu kwiNational Freedom Party (NFP) uDkt Cedric Xulu, olaxaze le nhlangano ngemuva kokungaboni ngasolinye nabanye abaholi ngoba esolwa ngemizamo yokuketula uNkk Zanele Magwaza-Msibi.
UXulu wamukelwe ngesasasa emngcwabeni wekhansela le-IFP uMnuz Thembokwakhe Xulu, eMthunzini, lapho abaholi be-IFP bemethule njengesinye sezikhulu esiyilungu lokuqina kule nhlangano.
Kulo mngcwabo obungeSonto, KwaNoshungu, bekugcwele izinkumbi zabalandeli be-IFP abebengafune kuyizwa indaba yeNFP, kodwa kuthe uma uMnuz Simo Mfayela obephethe uhlelo emethula njengesinye sezithenjwa esezibuyile ku-IFP, kwaqhuma umkikizo nehlombe kubantu.
“UXulu ungomunye wabantu okuthi uma sibathuma eqenjini bawenze umsebenzi futhi bawenze ngendlela encomekayo yingakho nje ne-IFP iziqhenya ngaye,” kusho uMfayela.
UXulu odayise iqembu lakhe lebhola i-Real Classic ebelidlala kuVodacom League wajoyina iNFP, izinto ziqale ukuba muncu ngesikhathi sekubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bukazwelonke.
Kule ngqungquthela bese kunamaqembuqembu ngaphakathi kuNFP, kukhona abebeseka uSolwazi Nhlanhla Khubisa ekutheni athathe isikhundla sokuba nguNobhala-Jikelele abanye befuna uXulu kodwa ogcine ekhale ngaphansi.
Ngemuva kwale ngqungquthela eyayingoDisemba ngo-2011, uXulu nabanye abaholi abafana noMnuz Andile Biyela basolwe ngokuthi bahlela itulo lokuketula uNkk Zanele Magwaza-Msibi esikhundleni ngoba kabafuni aphathe amahlandla amabili njengoMengameli.
Laba kuthiwa babelwa nesigaba somthethomgomo waleli qembu wokuthi uKaMagwaza-Msibi akukwazi ukuthi angahlala esikhundleni iminyaka eyishumi engaphikiswa ngoba lokhu kuphambene nentando yeningi.
Ngemuva kwalokho uXulu ugcine esehosha izinyawo esegxila emabhizinisini akhe ezimayini engasayihambeli nemihlangano ebalulekile yeqembu.
Kulo mngcwabo ethulwe kuwo ukhulume njengelungu elihloniphekile le-IFP kodwa waveza nokuthi uthunywe yinkosi yesizwe sakwaXulu ukuba azoyimela.
Kulo mngcwabo bekungekho noyedwa umuntu weNFP kubaholi bakhona kanti bekucaca ukuthi ukube bebekhona abantu bebengabadla babafele.
UXulu akazange atholakale ukuthi aphawule, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.