UMSUNGULI we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, uthi namanje usababonga abasePhoenix abavikela leli lokishi ngesikhathi kunezibhelu ezazihambisana nokuzitapela impahla.
UButhelezi uthe labo abavikela leli lokishi ngesikhathi sezibhelu akufanele badidaniswe neziwengu ezabona intuba yokubulala abantu.
Lo mholi uthe isenzo sezakhamuzi zakule ndawo sokuvikela izitolo ekutheni zingacekelwa phansi sasiza ukuhlenga imisebenzi.
UButhelezi ukusho lokhu ngesikhathi ehambele kuleli lokishi, lapho kwethulwe khona abamele i-IFP okhethweni lohulumeni basekhaya kule ndawo.
UShenge uthe lokhu okwenziwa yizakhamuzi zakule ndawo yinto naye ayeyenza ngokubambisana nabaholi be-IFP nabomphakathi oLundi, lapho babegade khona ukuba zingacekelwa phansi izitolo ezikule ndawo.
“Nanivikela amakhaya namabhizinisi. Nanihlala ubusuku bonke, nihambe nibheka emigwaqweni, nenza isiqiniseko sokuthi labo ababetapa babengachanasi kuleli lokishi. Konke lokhu bekwenziwa ngokubambisana nezinhlaka zokuphepha futhi kuhlonishwa umthetho. Nganibonga ngalesiya sikhathi futhi namanje ngisanibonga. Ngenxa yenu ziningi izimpilo nezindlela zokuziphilisa enazihlengayo.”
UButhelezi uthe ngesikhathi kuqhubeka lezi zibhelu, kukhona ababona ithuba lokudala uqhekeko phakathi kwamaNdiya nabantu abamnyama.
Uthe naye waba yisisulu salaba ababedala uqhekeko.
UButhelezi uthe laba ababedala uqhekeko ezinkundleni zokuxhumana bahlanekezela inkulumo yakhe lapho ayencoma khona abasePhoenix.
“Kwaba khona abantu abafaka ezinkundleni zokuxhumana inkulumo yami nezithombe zabantu ababulawa ePhoenix.
“Izinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana zangifisela ukufa. Ngathukwa ngazo zonke izinhlamba, abantu bebuza ukuthi ngingakuncoma kanjani ukubulawa kwabantu abamnyama. Akuzange kungikhathaze lokhu ngoba ngangazi ukuthi inhloso yabo ukudala uqhekeko.”
UButhelezi ubonge uNkulunkulu ngokufika kwabaseNdiya kuleli.
Uthe ukufika kwabo kwadala umehluko omkhulu kuleli.
“Bangihlaba umxhwele ngesikhathi sobandlululo. Yize nabo babehlwempu kodwa bakwazi ukusilekelela. Bangaki abantu abamnyama abaqashwe ngamaNdiya?”
UButhelezi uthe basazoqhubeka nokufuna izimpendulo ngembangela yalezi zibhelu ezaqubuka ngoJulayi.
“Angeke siphumule kuze kube khona abantu abashushiswayo ngale nto.”