UMENGAMELI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi uthi kumphatha kabi ukubona abaculi bentshontsha umculo wabanye abaculi bawenze owabo.
Ekhuluma ngeqhaza likanina uMntwana uMagogo emculweni wakuleli ngesikhathi kade kunesifundo ngaye e-UKZN ngoMgqibelo, uButhelezi uchaze unina njengeciko elalinekhono elalikwazi ukucula iminxa eminingi yomculo.
UButhelezi ubekhuluma emcimbini obuhanjelwe amacilko ehlukene.
Uthe enye into emphatha kabi ukuzwa abantu becula amaculo ngendlela okungafanele aculwe ngayo.
“Muva nje bekunemicimbi yokukhumbula Isilo uCetshwayo, emcimbini owawuhanjelwe Isilo nabantwana baseNdlunkulu, amalungu ebutho acula iculo elinomlando ngeSilo uDinizulu ngendlela engafanele, kwakukhona nezivakashi ezazivela e-United Kingdom, angizange ngifune ukuliphoxa ibutho ngokuveza ukuthi le nto eliyiculayo ayikho, kodwa kwisikhumbuzo sempi yaseSandlwana ngalitshela ibutho ukuthi aliliculanga kahle iculo elaliculwa ngumama, ngasho ukuthi lokho kungiphatha kabi,” kusho uButhelezi.
Uthe unina wayekwazi ukuhlabelela nokucula uhlobo oluningi lomculo kubalwa owokholo nosambhaqanga.
“Ubekwazi ngisho ukubongela amakhosi, encintisana nezinyosi zesilisa uma kuhashwa amakhosi kuze kugcine kusale yena izinyosi zesilisa seziphelelwa ngamagama,” kusho uButhelezi.
Uthe unina uqophe umculo omningi namaciko ehlukene, wengeza ngokuthi omunye umculo wakhe ubudlala ngisho emsakazweni.
“Umama waqala ukucula ekhaya, wadlulela esontweni okwamsiza kakhulu ekutheni agcine esengumculi ohlonishwayo,” kusho uButhelezi.
Uthe kubalulekile ukuthi akuveze ukuthi umculi ohlonishwayo kuleli, uSbongile Khumalo, ukhona omunye umsebenzi kanina awenze kabusha.
“UMntwana uMagogo wayehlukile ngoba wakwazi ukungena emkhakheni wokuba yinyosi okwaziwa ukuthi owamadoda njengoba wayekwazi ukubongela Izilo kusukela kuJama, Senzangakhona, Shaka, Cetshwayo, Mpande ebongela ngisho nabafowabo ababengazalwa ngunina,” kusho uButhelezi.