UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi ukhala ngokuthi amakhansela abo awaseqotho, asenomkhuba wokufuna ukuzicebisa akhohlwe ukuhambisa izidingo kubantu.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zentuthuko zoMkhandlu wasoLundi ngempelasonto, uButhelezi uthe amakhansela abo asefana naweqembu elibusayo i-ANC.
“Uma kuhanjiswa izidingo kubantu ngisukumela phezulu uma ngimenywa noma sengimdala ngingasesiyo ingane. Kumele ngabe sengihleli phansi kodwa ngiyagijima ngenxa yokuthi izinto azilungi amalungu ethu awasekho qotho, amalungu ethu asebonele eqenjini eliphethe ukuthi kuyadliwa, awasacabangi ukusiza abantu acabanga kuphela ukuthi afakani eziswini zawo phezu kokuba ehola kahle kodwa aweneliswa yilokho ahlale ecabanga ukuthi azodlani,” kusho uButhelezi.
Uthe usuka eGoli, uyazidonsa ngenxa yeziphithiphithi ezenziwa ngamakhansela abo njengoba nengqungquthela yabo sekuze kwaba nesikhathi ingenzeki ngoba amakhansela abo afuna ukuthi aphathe amaziko.
“Ngiyajabula ukubona uma amanye amakhansela ethu esabasebenzela abantu ngoba abantu bagcina sebebuza ukuthi asiza ngani amakhansela,” kusho uButhelezi.
UMkhandlu wasoLundi uvule isikhungo sezokuvakasha, umgwaqo, inkundla yezemidlalo eMashona waphinde wanikela nangezindlu emindenini emibili.
UButhelezi uthe ukuhanjiswa kwezidingo kubantu kwenza ukuthi babone ukuthi bavotelani.
“Ngiyabazi ubunzima nokuhlupheka kulesi sizwe sakwaButhelezi esengisiphathe iminyaka engamashumi ayisithupha.
Ngazi kahle ukuthi baningi abantu bakithi abadinga ukulekelelwa, kweminye imizi abangazi ukuthi bazobekani etafuleni usuku nosuku ukuze kudliwe,” kusho uButhelezi.
Uthe lezi zidingo aziyona ingqayizivele emphakathini ngoba kuleli lizwe kunabantu abaphila nazo.
“Kodwa abantu kumele bazi ukuthi uhulumeni ngeke akwazi ukwanelisa bonke abantu ngezidingo ngesikhathi esisodwa, njengoba bebona umkhandlu wethu wasoLundi wakhela umuzi umndeni wakwaMathebula, kumele babe nethembe lokuthi nakubona siyeza,” kusho uButhelezi.
IMeya yasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase ithe bajabule kakhulu njengoba bevula ngokusemthethweni izidingo zomphakathi ezizoshintsha impilo yabantu basoLundi.
“Lesi sikhungo sezokuvakasha sisakhe ngokubambisana nenhlangano iDivine Life Society eyethulwa kithina ngumengameli weqembu uMntwana wakwaPhindangene,” kusho uNtshangase.
Uthe umkhandlu wabo usemkhankasweni onzima wokufuqa intuthuko kubantu.