AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) noNONTUTHUKO NGUBANE
UNGQONGQOSHE wezaseKhaya kuleli uMnuz Aaron Motsoaledi usedalule ukuthi uMfundisi Shepherd Bushiri nenkosikazi yakhe uMary bebenama-passport amahlanu aseMalawi umuntu ngamunye.
UMotsoaledi uveze lokhu ngesikhathi echazela iPhalamedne ngoLwesibili ukuthi beqe kanjani kuleli laba bashadikazi ababhekene necala lokukhwabanisa imali engaphezulu kukaR106 million.
Izolo kukhishwe incwadi eyalela ukuba aboshwe uMfundisi Shepherd Bushiri nenkosikazi yakhe uMary, okuvele ukuthi beqile eNingizimu Afrika yize kunemibandela yebheyili enqaba ukuba baye kwelinye izwe.
INational Prosecuting Authority (NPA), ithe izofaka isicelo sokuba kuboshwe laba ngokuphula imibandela yebheyili.
Okhulumela iNPA, uNksz Lumka Mahanjane, uthe bazofaka nesicelo sokuba ihoxiswe ibheyili yomfundisi webandla i-Enlightened Christian Gathering.
Ibheyili kaR200 000 wayinikezwa ngoNovemba 4, noMary wadedelwa ngoR200 000.
Laba kulindeleke ukuba bazinikele enkantolo yasePitoli ngoLwesine, kungenjalo bangahle badlelwe ngisho nomuzi wabo obiza ngaphezu kukaR5.5 million.
Uhulumeni wakuleli ukuchithile ukuthi laba bakwazile ukweqa ngokuthi bangene ebhanoyini ebelihamba umengameli waseMalawi uMnuz Lazarus Chakwera, nethimba lakhe.
Ophethe ezokuxhumana kuhulumeni, uNksz Phumla Williams, uthe uChakwera uhambe kuleli ngoLwesihlanu esephothule umhlangano wakhe noMengameli Cyril Ramaphosa.
Uthe kubhekwe bonke abebehamba naye kwatholakala ukuthi laba abeqile bebengekho endizeni ebihamba uChakwera.
UMnyango wezaseKhaya kuthiwa iwona owenze umsebenzi wokuqinisekisa. Ungqongqoshe walo mnyango uDkt Aaron Motsoaledi usebizelwe ePhalamende ukuyochaza mayelana nokweqa kwalaba.
Uthe kumanje uhulumeni umatasa nohlelo lokunxusa uhulumeni waseMalawi ukuba ubuyisele laba kuleli ukuzobhekana namacala.
UBushiri nenkosikazi yakhe kuvele ukuthi ngoLwesithathu balifulathela elakuleli baya eMalawi.
NgeSonto lo mfundisi uzwakale ekhala ngokuthi wayengaphephile yingakho eshaye utshani.
UBushiri uthe amaphoyisa abemgwazisa futhi ubesesaba ngoba udaba lwakhe belunganakwa.
Okhulumela uphiko oluphenya amacala enziwa amaphoyisa i-Ipid uNksz Ndileka Cola, izolo uthumele isitatimende kwabezindaba eqinisekisa ukuthi uBushiri walivula icala ngo-2018, evulela amaphoyisa.
“Siyaqinisekisa ukuthi ngo-2018 uBushiri uvulele amaphoyisa icala lokuzama ukumqola nelokukhwabanisa. Ngokwakhe iphoyisa elaliphenya icala avulelwa lona lokudlwengula ebelenza lokhu. Lathi ukuze icala liphele kumele alinikeze imali.
“Ukuze i-Ipid iphenye icala besidinga ubufakazi nezitatimende kuBushiri kodwa akuzange kwenzeke njengoba ubelokhu ematasa. Ukungasebenzisani kahle nathi yikhona okwenze uphenyo lwethu lwama. Utsheliwe ukuthi kwenzekani ngecala, futhi watshelwa ukuthi umphenyi uzoqhubeka necala uma yena esezimisele nokusebenzisana naye,” kusho uNks Cola.
UNgqongqoshe wezangaPhandle eMalawi uMnuz Eisenhower Mkaka, uthumele isitatimende ethi umengameli akakuzwisisanga kahle ukuba indiza yakhe imiswe amahora angaphezu kwayisikhombisa kuleli ngenxa yezizathu zokuphepha ezingazange zidalulwe.
Ngokombiko wephepha laseMalawi iNyasa Times, uMkaka washeshe wafika kuleli ezohlangana noBushiri. Kunezinsolo zokuthi laba basondelene kakhulu.
Kusolakala nokuthi usondelene nomengameli waseMalawi njengoba uBushiri waxhasa kakhulu imikhankaso yakhe yokuba abekwe esikhundleni.