Izindaba

Ubusezingeni elicokeme umshado kaZungu wamaZulu FC

Mbali Khanyile|Published

BEZIVUNULE ziconsa izimpelesi zikaNkk Nozipho kaMagubane Zungu obegcagca nosomabhizinisi uMnuz Sandile Zungu Isithombe: SIGCINIWE

UBUSEZINGENI eliphezulu umgcagco kasomabhizinisi waseMlazi ophinde abenguShlalo wamaZulu FC obophe ifindo likasofa silahlane nentokazi yaseMpangeni, uNkk Nozipho KaMagubane Zungu e-The Zunguness.

Lo mshado uthathe izinsuku ezimbili kule ndawo yakhe eseHowick nobuhanjelwe izicukuthwane nosomabhizinisi abasezingeni bakuleli.

Umgcagco obungoLwesihlanu ubuwubukhazikhazi obebucacela noma kungabani obala ukuthi bekuhlelwe umcimbi womtakabani.

Namuhla bese kugcagcwa ngokwesintu nejngoba lo mshado uthathe izinsuku ezimbili. Kosaziwayo abebewuhambele, bekukhona uVusi Mona, Patrice Motsepe, Fundile Nyathi nabanye.