UBULAWE ephuma emngcwabeni wesihlobo usomatekisi KwaNongoma okuthiwa udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu engena esitolo esisedolobheni, ngeSonto ntambama.
UMnuz Mtukabongwa ‘Nkalankala’ Zungu (76) wasoSuthu KwaNongoma ongusomatekisi odumile obesenamatekisi ngaphansi kweNongoma Taxi Owners Association, kuthiwa udutshulwe ngabantu abangaziwa abehle etekisini bavulela ngenhlamvu engena esitolo.
Okhulumela umndeni uMnuz Sibusiso Zungu, indodana kamufi, uthe badidekile ngembangela yokubulawa kukayise.
“Sithembele ophenyweni lwamaphoyisa ukuthi luzokwazi ukukhomba ababulali. Siwumndeni kasazi noma ukufa kwakhe kuphathelene nezepolitiki njengoba nakuyo ubegqamile okanye wudlame embonini yamatekisi kodwa bese kunesikhathi eside kungekho mbango ematekisini kule ndawo,” kusho uSibusiso.
Uthe ubengumuntu okhuthalele ukusebenzela umphakathi kangangoba ubengakaze abike ukuthi kukhona axabene nabo njengoba abantu abaningi bebemkhonzile endaweni.
UNobhala kusoseshini wamatekisi KwaNongoma uMnuz Bheki Thabethe, uthe abakholwanga bethola umbiko ngokubulawa kukaZungu.
“Kusethuse kakhulu ukubulawa kwakhe ngale ndlela. Ubengumuntu othanda ukuthi abantu basebenze, kangangoba lapho ebehlala khona oSuthu akuvunyelwe ukuthi umnikazi wetekisi azishayelele yena kodwa kuphoqwa ukuthi aqashe ukuze kube khona abasebenzayo,” kusho uThabethe.
Uthe ukufa kwakhe kubazumile ngoba bekunezinye izinhlelo abebephezu kwazo zokuthuthukisa usoseshini. Phambilini uZungu ubeyikhansela le-ANC (PR Councillor) amahlandla amabili kuMasipala waKwaNongoma.
UNobhala we-ANC kwisifunda iMzala Nxumalo uMnuz Zakhele Buthelezi, ugxeke ukubulawa kwelungu labo.
“Nakuba singeke sisho ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nodlame lwamatekisi kodwa siyafisa ukuthi uhulumeni alusukumele udaba lokubulawa kwabantu abasembonini yamamtekisi. Kuyizindaba ezibuhlungu kakhulu ukubulawa kwakhe ngale ndlela. Siyethemba ukuthi amaphoyisa azolwenza uphenyo kuboshwe izigilamkhuba,” kusho uButhelezi.
Usule kwi-IFP ngo-2004 wajoyina i-ANC benozakwabo ematekisini, uMnuz Elias ‘Sputla’ Mpungose oshone ngenyanga edlule ngenxa yogula.
Ngo-2005 babesematheni ngezigigaba ezehlukene ngesikhathi usosesheni wabo KwaNongoma ududulana neDurban Long Distance Taxi Association (DLDTA) kubangwa umzila okwaholela ekufeni kwenqwaba yabantu. UZungu noMpungose bake basolwa ngokuba yizinkabi ezibulala abantu oLundi ngesikhathi kuqhubeka lolu dlame kodwa bazichitha izinsolo.
UZungu uboshwe ngo-2018 ngecala lokubulawa kwesinye sesikhulu ematekisini esibulawe ngo-2016 kodwa wabuye wadedelwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaNongoma, amaphoyisa ayaphenya.