Izindaba

Ubulale unina wezingane wazikhunga engafuni ukwaliwa

Zimbili Vilakazi|Published

UNksz Precious Maluleka okusolwa ukuthi ugwazwe wabulawa uyise wezingane zakhe Isithombe: SITHUNYELWE

USATHUKILE umndeni wowesifazane waseMaoti, eNanda okusolwa ukuthi ugwazwe nguyise wezingane zakhe, ngaphambi kokuthi azilengise.

Isidumbu sikaNksz Precious Maluleka (26) sitholwe phansi ekamelweni labo ngoMgqibelo, kanti esikayise wezingane zakhe, uMnuz Mduduzi Ngcobo, sitholwe silenga ngoMgqibelo ntambama.

Umfowabo kamufi obedangele, uMnuz Nhlanhla Maluleka, uthe basola ukuthi lezi zithandani zishone ngoLwesibili noma ngoLwesithathu ngeledlule.

Uthe lokhu ukusho ngoba ngesikhathi befika endaweni yesigameko ngoMgqibelo, bafice incwadi ebibhalwe usuku lwangoJuni 21 lapho uNgcobo ebethi ubengeke akwazi ukuphila ngaphandle kukaNksz Maluleka.

Uthe bashaqekile ngoba bebecabanga ukuthi abashonile bebezama ukulungisa ubudlelwane babo.

"UPrecious bese kuphele inyanga eshiye umuzi wabo, wabuya wazohlala nathi lana ekhaya. Yonke le nyanga uNgcobo ubehlala efika ezomncenga ukuthi balungise izinto. Kuthe ngeSonto, ngoJuni 19, yagcina ithamba inhliziyo kuPrecious, wahamba, babuyela kwabo," kulandisa uMaluleka.

Uthe ngalelo langa uNgcobo wathembisa ukuthi usezoshintsha angabe esamhlukumeza uNksz Maluleka, waze wathembisa nokuthi usezoya nasesontweni.

Echaza ngokuthola kwabo ngesigameko, uthe baqale baqaphela ngoLwesibili, usuku okubhalwe ngalo incwadi, ukuthi amaselula abafi avaliwe.

"Besilokhu sibazama bobabili ezingcingweni kodwa zombili zivaliwe. Kuthe ngoMgqibelo, engithandana naye wangiyalela ukuthi ake ngithi ukuma kancane ngokubashayela ucingo, ngivele ngihambe ngiye khona ngiyobabheka,” kusho uMaluleka.

Uthe kuthe uma efika kubo, ebuya emsebenzini, wafica sekufike unina kaNgcobo evela eNdwedwe, naye ethi uzobheka ukuthi kwenzekani ngoba akabatholi ezingcingweni abafi.

“Sihambisane sonke saya khona, safika isango livuliwe kodwa umnyango wendlu uvaliwe. Samemeza, lutho ukusabela. Sigcine sisigqekeza, wangena unina kaNgcobo, sizwe ngaye esho ngengila, ekhala, sangena ngaphakathi nathi, safica udadewethu elele phansi, uNgcobo elenga,” kusho uMaluleka.

Uthe udadewabo ubenamanxeba okugwazwa nge-screwdriver entanyeni nasesifubeni, enezibazi nasesiphongweni.

Uthe uNgcobo yena ubeklwebhekile ebusweni, basola ukuthi udadewabo, wamklwebha ezama ukuzivikela.

“Okunye okusishayisa ngovalo wukuthi unina kaNgcobo usitshele ukuthi, wamshayela ucingo ngawo uJuni 19, ethi ufuna ukulanda izingane zize kuye kodwa unina wanqaba. Sinovalo lokuthi kusho ukuthi ubefuna ukubulala konke nezingane,” kusho uMaluleka.

Uthe izingane zabafi ngezamantombazane, encane ineminyaka emibili, enye ineminyaka emine. Uveze ukuthi baqala ukuthandana ngo-2016.

Unina kaNgcobo, uNksz Busangani Majozi, uthe bezwa ubuhlungu obuphindiwe ngesigameko, indodana yakhe ibulala umuntu maqede izibulale nayo. Ufakazile ukuthi ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwesigameko, uNgcobo umshayele ucingo efuna izingane, wathi ufuna zibuyele eThekwini ngoba ufuna ukuzibuyisela kunina wazo, azigade yena ukuze ayeke ukuhamba amaphathi.

“Nginqabile nazo ngathi, akuyena (uNgcobo) owanginika izingane kodwa ngunina (uNksz Maluleka). Ubuye ungifikele umqondo wokuthi wayeqamba amanga, wayefuna ukuzibulala nazo ngoba ubezithanda kakhulu,” kusho uNksz Majozi.

Uveze ukuthi okwamenza wasola ukuthi kukhona okushaya amanzi, ngukubona kuqhubeka izinsuku uNgcobo engashyi ucingo njengenjwayelo ebheka ukuthi izingane ziyaphila yini. Uthe wabuye washaywa nawuvalo ngoba abasebenza noNksz Maluleka bamthinta, bebuza ukuthi kwenzenjani ngoba sekuphele izinsuku engezi emsebenzini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala nelokufa komuntu.