KUSOLWA ukuthi yingxabano yezithandani eholele ekutheni isoka liklinye, libulale umama wengane yalo, maqede layoziphonsa kujantshi lashayiswa yisitimela lashona eKlaarwater, eMariannhill ngoLwesibili ebusuku.
Kusolwa ukuthi uMnuz Thalente Dlamini (26), ubulale uNksz Buhle Cele (25) waseDesai, abanengane enonyaka naye. UNksz Cele utholakale esebanda, igazi namagwebu kuphuma ngamakhala elele ebheke phezulu embhedeni futhi ebambe ummese ngesandla.
Kuthiwa uDlamini usoconge umufi ntambama, wase eyohlala nabangani bakhe engemnandi emoyeni, wagcina ehambe kubona engumuntu oyothengela omunye wabo ugwayi kanti useyozibulala.
Ekamelweni likaDlamini kutholakale intambo okusolakala ukuthi uqale wazama ukuzikhunga ngayo kwasho ukuthi mude, uphahla lwendlu luseduzane.
Isolezwe lithole ukuthi uDlamini ushiye incwadi abevalelisa kuyo emndenini wakhe esho ukuthi uyoziphonsa esitimeleni. Uthumele nabangani nobhuti wakhe imiyalezo ngefoni evalelisa kubona.
Kuvele ukuthi bebungasebuhle ubudlelwano balezi zithandani kangangoba uDlamini ubesehlala ngokungaphatheki kahle, kuthiwa esho ukuthi uzozibulala kodwa anganakwa. Umndeni kamufi uthi usashaqekile, futhi uphoxekile yinto eyenzeke ngokuzuma emagcekeni omuzi.
Udadewabo kaDlamini uNksz Smangele Dlamini, uvumile ukuthi lezi zithandani bezinakho ukuhilizisana zibuye zixolelane njengazinye izithandani, ubengazitsheli ukuthi kuzophetha ngale ndlela.
“Ubewumfana othulayo, ungeke umcabangalele into efana nalena ayenzile. Sidumele siwumndeni,” kusho uNksz Dlamini.
Uthe abangani bakaDlamini yibona abakhahlele isicabha sendlu yakhe ngemuva kokuthola imiyalezo abathumelele yona, kanti bazozithela phezu kwesidumbu sikamama wengane.
Lo mndeni uthi uhlale nesidumbu sikaNksz Cele ubusuku bonk,e kukhona namaphoyisa nomakhelwane kulindwe imoto yasemakhazeni eze yafika izolo ngabo-9 ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane endlini ebesingenamanxeba emzimbeni.
UCaptain Gwala uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu okutholakale isidumbu sakhe esiteshini sesitimela saseKlaarwater. Uthe kayaziwa imbangela eholele kulezi zehlakalo ezimbili.