Umsolwa (44), ogama lakhe ligodliwe ngoba engakaboshwa, kuvela ukuthi ugwaze wabulala umngani wakhe omkhulu uMnuz Zwelibanzi Makhathini (36). Lesi sehlakalo esishaqise umndeni kamufi senzeke ngoMsombuluko.
Image: sigciniwe
IYINDABA egudwini emalungwini omphakathi waseXobho eyabangani okuthiwa babe nengxabano ebishubile kubangwa intombi kwaze kwagcina sekuphuma isidumbu.
Umsolwa (44), ogama lakhe ligodliwe ngoba engakaboshwa, kuvela ukuthi ugwaze wabulala umngani wakhe omkhulu uMnuz Zwelibanzi Makhathini (36). Lesi sehlakalo esishaqise umndeni kamufi senzeke ngoMsombuluko.
Umthombo olwazi ukusuka nokuhlala lolu daba, ocele ukungavezwa uthe umnyombo wengxabano uqale ngemuva kokuba umsolwa ethole ukuthi uMakhathini umudla izithende ujola nowesifazane amlobole ngoDisemba nyakenye.
Umthombo uthe akucaci ukuthi umsolwa lolu daba uluthole kanjani kodwa ufike esitolo engasadle nkobe zamuntu, wafica kunabesilisa ebebedlala i-snooker wase ebizela uMakhathini eceleni.
''Umbuzile ukuthi kungani emenza isiphukhuphu nokuthi kungani avuma ukuba yingxenye yabakhongi ngonyaka odlule ekubeni azi kahle ukuthi lo muntu okuyiwa kuyena ubabhangqile?"
Uqhuba umthombo uthe ube esemqala ngempama wamlandelisa ngesibhakela.
''Kulapho ke ezwakale esexolisa khona ethi yiphutha naye angazi ukuthi lenzeka kanjani,'' kusho umthombo.
Ngemuva kokugonyululuka kwakhe kanjalo umthombo uthe umsolwa ukhiphe ummese wamgwaza entanyeni uMakhathini wase ebaleka.
''Uphelele endleleni sithi sizama ukumphuthumisa emtholampilo. Inkinga wukuthi ubopha kakhulu njengoba emgwaze entanyeni inxeba elivulekile,'' usho kanje.
Uqhuba umthombo uthe lesi sigameko siwushiye ubambe ongezansi umphakathi ngoba bangabangani abadala.
Omunye womndeni kamsolwa ocele ukuba kugodlwe igama lakhe, uthe laba baqala ukuzwana bengamabhobhodleyana befunda ndawonye.
''Indlela ebebezwana ngayo asikaze sicabange ukuthi le nto yabo ingagcina iphela kabuhlungu kanje. Namanje asiyikholwa into esiyibone yenzeka,'' usho kanje.
Isihlobo sikamufi, uMnuz Zakhele Makhathini, sithe bathole umbiko wokuthi mabaphuthume esitolo ngoba umfowabo usegwaziwe.
UMakhathini uthe nabo kubethusile ukuzwa sebefikile ukuthi ugwazwe wumuntu abezwana naye.
"Besazi ukuthi sonke lesi sikhathi ungumngani wakhe wokuqina. Ngikutshela ukuthi namanje akukavumi ukuba ngikholwe ukuthi ngempela umfowethu impilo yakhe ithathwe ngumuntu abemkhonze kangaka ehlale ekhuluma ngaye lapha ekhaya,'' usho kanje.
Uthe kodwa uma kuyiqiniso ukuthi umfowabo ubejola ngempela nentombi kamsolwa, ngokwenza kanjalo wonile ngokuphindiwe.
''Ngeke size sikufihle ukuthi wonile ngoba nakhu eseshonile,'' usho kanje.
Siye koshicilela amaphoyisa engakaphenduli, kanti umsolwa kuthiwa usagcwele amathafa.
Related Topics: