KUKHUNGATHEKE umphakathi wakwaM, KwaMashu, enyakatho yeTheku, intombazane igwaza umfowabo enhliziyweni washona ngoba igoloza ukuphaka ukudla.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, owesifazane oneminyaka engu-22 ugwaze wabulala umfowabo omncane, uMnuz Smangaliso Shange (20).
Kuthiwa uSmangaliso ubize udadewabo emtshela ukuthi akabuye ugogo wakhe uthi akazophaka ngoba sesishayile isikhathi sokuthi umndeni ube nesidlo sakusihlwa.
Kuthiwa lo wesifazane ugwevile engafuni ukuza uma ubhuti wakhe emtshela ukuthi kuthiwa akazophaka. Ngesikhathi ebizwa kuthiwa ubezihlalele ezishayelwa umoya engenzi lutho.
Umthombo olazi ukusuka nokuhlala udaba uthe namanje le ndaba isawuthusile umphakathi futhi uyabuzana ukuthi ngempela kwenzekeni emndenini wakwaShange.
“USmangaliso uhambile wayobiza udadewabo ukuthi azophaka ubethunywe ngugogo wakhe. Babe nokuhilizisana u**** ecasulwa ukuthi ubizwelani esazihlalele kamnandi emnyango eshawa umoya,’’ kuchaza umthombo.
Umthombo uthi sebengaphakathi endlini ekhishini owesifazane uvele wakhipha ummese, wamane wawufaka wawuqondanisa ngqo, nenhliziyo yomnewabo. Ngemuva kwalokho kuthiwa uzwakale ekhuluma ethi: “Ungabongijwayela kabi mfana wami.”
Kuthiwa uthathe ummese wawubeka eceleni waqala waphaka kwaba sengathi akukho okubi okwenzekile. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka ugogo wabo wazama ukuthi amemeze, wabiza imoto ephuthumise umufi esibhedlela.
“Akabange esafika esibhedlela uSmangaliso umane washonela khona endleleni,’’ kuchaza umthombo.
Isolezwe ngoMgqibelo limshayele ucingo ugogo wezingane onguthisha kwezinye zezikole zaseNtuzuma, wabhoka ngolaka ebuza ukuthi intatheli iluzwe ngobani udaba. Waxwayisa intatheli ngokuthi ingalinge ilubhale udaba.
“Uma ufuna sixabane, qhubeka ulibhale udaba. Uyangizwa! Uyangizwa ukuthi ngithini kuwena mfana!,’’ usho kanjena egaklaza ucingo engasavalelisanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile isigameko. Uthe amaphoyisa aseNtuzuma amatasa aphenya icala lokubulawa kowesilisa ngommese.
“Owesilisa ugwazwe kabuhlungu enhliziyweni nasemqaleni. Kuphenywa icala lokubulala,’’ usho kanje uConst. Ngcobo.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi amanye amalungu omndeni awanalo ulwazi lokuthi umufi ubulawe ngudadewabo. Kuthiwa ugogo ubafihle ngesigameko kwaze kwangcwatshwa.
Lo wesifazane kuthiwa uzihlalele nomndeni kubo upholile ungaphika ukuthi ubulale umuntu. Izihlobo nabangani kuthiwa zikhohlisiwe kwathiwa umufi ubehamba ebusuku wagwazwa ngamaphara amphuca umakhalekhukhwini wakhe.