UCONSTABLE Siyabonga Charles Sokhela okuthiwa ubulawe yintombi yakhe Isithombe: Sithunyelwe
UCONSTABLE Siyabonga Charles Sokhela okuthiwa ubulawe yintombi yakhe Isithombe: Sithunyelwe
UMAMKHULU kaConstable Siyabonga Sokhela, uNksz Sindisiwe Sokhela nonina kamufi uNkk Thandazile Tembe Isithombe: Sithunyelwe
UMAMKHULU kaConstable Siyabonga Sokhela, uNksz Sindisiwe Sokhela nonina kamufi uNkk Thandazile Tembe Isithombe: Sithunyelwe

BELIPHILA ngokusatshiswa ngesibhamu lishaywa iphoyisa okuthiwa lidutshulwe labulawa yintombi yalo emqashweni wabo KwaDabeka, ngoMgqibelo.

UConstable Siyabonga Charles Sokhela (29), obesebenza esiteshini samaphoyisa eNtuzuma, kuthiwa bese egcwele izibazi zokushaywa yintombi yakhe nayo eyiphoyisa lakwaMasipala weTheku elisebenzela KwaMashu.

Umufi nentombi yakhe abaKwaMashu kodwa bebehlala emqashweni KwaDabeka.

Unina kamufi, uNkk Thandazile Tembe, uthe indodana yakhe ibihlale ikhonjwa ngesibhamu ibuye ishaywe yintombi yayo obekuneminyaka emibili bethandana nayo.

“Ingane yami ibihlukunyezwa ngazo zonke izindlela yile ntombi, ngisho nekhadi lasebhange belihlala kuyo kodwa beyingezwa mshini. Ngenyanga ezayo ubethi uzoyilobola bashade ngoba uyayithanda. Samangala sonke esho njalo ekubeni ehlale esatshiswa ngokubulawa. Esahlala lapha ekhaya ibifika ngenkani igoloze ukuhamba. Kwathina ibisikhiphela ummese uma sikhuza sithi ayigoduke ngoba bayaxabana," kusho yena.

Uqhube wathi ngoMgqibelo kuthiwa bebebanga ukuthi uSokhela uthe usayophuza nabangani bakhe.

“Bobabili bebedakiwe ngoba bebephuma ephathini. Intombi kuthiwa inqabile ukuthi ahambe, wahamba ngenkani uSiya waya kubangani abahlala kwamakhelwane. Kubangani uthe uzohambisa intombi kubo KwaMashu bese eyabuya baqhubeke nokuphuza. Ngokuthola kwami kuthiwa ufike (intombi) emqashweni wabo isiphethe izibhamu zabo bobabili zomsebenzi yamdubula ngesisodwa esingazi ukuthi esikabani,” kuchaza unina kamufi.

Uqhube wathi emuva kokumdubula intombi ishayele udadewabo ucingo yona yahlala emotweni. Ngudadewabo ophuthumise uConstable Sokhela esibhedlela lapho eshonele khona.

“Ngifike endaweni yesigameko uSiya esephuthunyiswe esibhedlela yena ehleli emotweni engazi nanyaka edakiwe," kusho uNkk Tembe.

Ngenyanga edlule uthe umfowabo kamufi ukhonjwe ngesibhamu yiyo intombi kamfowabo idinwe wukuthi ubevakashile.

“Ezinyangeni ezimbili ezedlule wahudula umnakwabo ngemoto walimala bebanga uSiya. USiya wathi alingavulwa icala ngoba ethi intombi yakhe izophelelwa wumsebenzi,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuboshwe owesifazane oyiphoyisa okusolwa ukuthi udubule isoka lakhe. Uthe kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi ePinetown maduze.