SIMPHIWE NGUBANE
KUBOSHWE owesilisa okuthiwa uzivumele ngokwakhe ukuthi udubule wabulala ingoduso yakhe abecabanga ukuthi isigebengu ebesizogqekeza sibaphange lapho behlala khona eKempton Park, Ekurhuleni, eGauteng.
UNksz Hlengiwe Msimango (29) udutshulwe kabili esifubeni nguyise wezingane zakhe ezimbili ngoMsombuluko ekuseni.
Umsolwa uvele enkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngoLwesithathu icala lahlehliselwa * -Agasti 18 ukuze afake isicelo sebheyili.
Umufi udabuka KwaDabeka, eThekwini kodwa ubehlala eGauteng ngenxa yomsebenzi.
Bebeneminyaka emithathu bethandana futhi eselotsholiwe umufi. Banengane yentombazane eneminyaka emithathu neyomfana enezinyanga eziyisishiyagalombili.
Ilungu lomdeni kamufi, elicele ukungadalulwa igama lalo ephepheni, lithe kwenzeke esika-Oscar Pistorius umsolwa ebulala isihlobo sakhe. Uthe kabafuni athole ibheyili futhi kumele agugele ejele.
Lesi sihlobo sithi umsolwa washayela ucingo umndeni kamufi emva kokudubula umufi ekhala ewubikela ngosekwenzekile.
“Umsolwa uvumile ukuthi ubulale uHlengiwe ngoba emdidanise nesigebengu. Bekungenazimbobo zezinhlamvu yesibhamu ekhethinini kodwa uHlengiwe ubelele phansi enamanxeba amabili okudutshulwa esifubeni. Bekuwubusaphasapha efile amakhabethe aseceleni kombhede okukhombisa ukuthi bekuliwa. Omakhelwane bayasho ukuthi uHlengiwe ubehlala ngokuxabana nomsolwa esefuna ukumshiya,” kusho isihlobo.
Uchaze umsolwa njengomuntu onamanga, ophila ngamathenda onempilo engaqondakali. Uthe ubehamba ashiye ingoduso nezingane abuye ngovivi.
UNksz Msimango uzongcwatshwa eThekwini ngoLwesihlanu ngesonto elizayo. Kuzoba nenkonzo yakhe yesikhumbuzo ngoMgqibelo eKempton Park.
Isihlobo sithe bazoya kobhikisha ngaphandle kwenkantolo uma esevela umsolwa. Ezinkundleni zokuxhumana uTwitter no-Instagram abantu bebezwelana nomndeni kamufi, bedlulisa amazwi enduduzo begxeka udlame olubhekiswe kwabesifazane ngaphansi kwesiqubulo #JusticeforHlengiwe.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uCaptain Mavela Masondo, uthe umsolwa oneminyaka engu-33 ubekwe icala lokubulala ingoduso yakhe.
UMasondo uthe kusolakala ukuthi umsolwa wayesendlini ngabo-4.45 ekuseni ngesikhathi ezwa izigi zomuntu endlini.
“Umsolwa uthi wayekholelwa wukuthi ngumuntu ogqekezayo. Uthi wadonsa isibhamu sakhe esisemthethweni wadubula kabili, ekugcineni wathola ukuthi ubedubula ingoduso yakhe eshonele endaweni yesehlo,” kusho uMasondo.