Izindaba

Ubuholi be-ANC buphume umkhankaso wokuvuselela amagatsha

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa noNdunankulu waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi bese mhlanganweni wegatsha leGreater Joburg ngoMgqibelo isithombe: @myANC/twitter

UBUHOLI be-ANC kuzwelonke buphume umkhankaso wokuvakashela zonke izifundazwe ngenhloso yokukhuthaza abuholi bamagatsha ukuba busebenzele ukuvuselelwa kwale nhlangano.

UNkk Nomvula Mokonyana, oyiphini likanobhala jikelele we-ANC, uthi ubuholi bale nhlangano buphume ngobuningi njengoba beqale umkhankaso wokuvakashela zonke izifundazwe ukuqinisekisa ukuthi lusetshenzwa ngendlela uhlelo lokuvuselela le nhlangano.

“Sivakashela zonke izifunda zaseGauteng, wonke amalungu e-NWC athe chithi-saka ezindaweni ezahlukene. Umengameli eseGoli, unobhala-jikelele useKurhuleni, thina silapha eSedebeng.

“Sibheke kakhulu ukugcizelela inhloso yokuzinikela kwethu ekuvuseleleni i-ANC, ukubukeza amagatsha ngokusebenza kwawo, ikakhulukazi kwezokuphatha nokukhuthaza bonke ubuholi be-ANC kuzo zonke izifunda, ukuba busebenze ngokuzinikela ngokwazi ukuthi yini edingeka kubona,” kusho uMokonyane.

URamphosa ubeseGoli nondunankulu wesifundazwe, uMnuz Panyaza Lesufi, lapho agcizelele khona izinhloso zabo zokwakha kabusha le nhlangano nokweseka ubuholi bamagatsha.

Ekhuluma namalungu e-ANC, uRamaphosa uthe njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke, kuzovivinywa ukusebenza kohlelo lokuvuselelwa kwenhlangano.

“IKomiti eliSebenzayo le-ANC kuzwelonke lixhumana nazo zonke izinhlaka zale nhlangano esifundazweni iGauteng, yingakho nami ngihambele isifunda seGreater Joburg futhi izingxoxo esibe nazo kulo mhlangano zingibonisile ukuthi ngempela zikhona izinguquko zokuvuselela nokwakha kabusha le nhlangano yethu,” kusho yena.

IPhini likaMengameli uPaul Mashatile lona belihambele isifunda iWest Rand okuyisona elinamalungu amaningi amadala ale nhlangano.

UMnuz Gwede Mantashe ongusihlalo kaKhongolose yena ubejutshwe eGreater Tshwane lapho ethe abantu baveze izikhalo zabo, ezinye zidluliselwe kwiPEC lapho ezizodingidwa khona bese kubuywa nezimpendulo.