UZWE ubuhlungu obuphindaphindwe kaningi umndeni ohanjelwe yisihlobo engozini yomgwaqo, "uhlukunyezwa" yinduna yesigodi saseWome, eMthandeni, KwaMaphumulo.
Isolezwe lithole ukuthi kwale kancane kubhuntshe umngcwabo ngeSonto, induna igasela namaphoyisa ngenhloso yokumisa umngcwabo, sekumbiwe negodi.
Umngcwabo bekungokaMnuz Xolani Cele, okuthiwa washona ngesonto eledlule kulandela ukubandakanyeka kweloli yasemsebenzini wakhe engozini yomgwaqo eNkandla.
Isihlobo esicele ukungadalulwa sithe indaba iqale ngesikhathi umndeni uyobikela induna njengokwenqubo yasendaweni ukuthi uzoba nomngcwabo njengoba bedlulelwe yisihlobo.
“Ibatshele ukuthi akufanele umufi angcwatshwe esigodini sayo iWome, kufanele angcwatshwe eThabane, lapho ebese akhe khona,” kusho isihlobo.
Sithe umndeni uzamile ukuyichazela induna ukuthi yize kunjalo, ngokwenqubo yomndeni, wonke amalungu omndeni wakwaCele, angcwatshwa emathuneni asekhaya elikhulu eliseWome.
“Ayifunanga nokuyizwa leyo, yathi awukho umngcwabo ozokuba sesigodini sayo,” kusho isihlobo.
Sithe ngokuhlonipha inqubo yomndeni, baqhubekile nezinhlelo zokuthi umufi afihlwe ekhaya elikhulu.
“Amadoda athe esamatasa nokumba igodi induna yatheleka namaphoyisa, ukuzozama ukumisa umngcwabo, nokho umndeni wakubeka kwacaca ukuthi umngcwabo uyaqhubeka,” kusho isihlobo.
Sithe induna igcine isabisa ngokuthi izobavulela icala konkosi ngokuthi bayishaye indiva ikhuluma.
Siqhube sathi abakwenziwe yinduna beshonelwe yisihlobo kabuhlungu kubazwise ubuhlungu obuphindiwe.
“Umndeni ubusakuthola kunzima ukubhekana nokuthi umufi udlule kabuhlungu kangaka engozini, ngesikhathi induna inezela isawoti esilondeni, iwuhlukumeza ngokuthi ngeke ukwazi ukungcwaba lapho ohlale ungcwaba khona uma kukhona ilungu elidlulile,” kusho isihlobo.
Esinye isihlobo siveze ukuthi induna iwujwayele umkhuba wokuxakazisa abantu besigodi sayo uma beshonelwe.
“Uma kushone umuntu ebikade ingasamboni endaweni, ngisho ngabe ubesekuhambeni ngokomsebenzi, umndeni uthwala kanzima uma sekufanele angcwatshwe, ithi awuhambe uyomngcwaba lapho abesehlala khona,” kusho esinye isihlobo.
Siveze nokuthi kunanemali induna eyikhokhisa imindeni esuke inemicimbi esigodini efana nemishado neminye.
“Yonke le mali asazi kahle hle ukuthi umphakathi uyikhokhiselwani,” sisho kanje.
Imizamo yokuthola induna ayiphumelelanga.