UNGOTI wamaselula uLieutenant Colonel Gideon Gouws ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uveze ubufakazi obulahla ummangalelwa wesibili uBongani Ntanzi.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kaKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Bahlanu abalisa abashushiswayo, icala lisesigabeni lapho uMbuso wethula khona ubufakazi ozimisele ukugojela ngabo abamangalelwa. Kufundwa ubufakazi bamaselula obuveza ukuxhumana kwabo ngaphambi nangemuva kwesigameko.
UGouws weneke ubufakazi bokuthi iselula kaNtanzi yayidonsa eduze kwesiteshi samaphoyisa eVillieria, ePitoli lapho ayetoke khona. Phambilini uNtanzi waphika ukuthi watholwa neselula esesitokisini.
UGouws uthe iselula yasebenza ngesikhathi idonsa ngasesitokisini okwakuvalelwe kusona uNtanzi. Kuvela ukuthi kunezithombe zephephandaba elalishicilele udaba lwecala lokufa kukaMeyiwa ezabukwa kwiselula eyatholwa kuNtanzi.
“ Izithombe zavulwa zahlelwa kabusha ngo-9 ebusuku, kunesithombe sephephandaba esikhuluma ngaleli cala esavulwa sahlelwa kabusha sekwedlule umzuzu kushaye u-9 ebusuku,’’ kusho uGouws.
Phambilini iphoyisa uSergeant Vusumuzi Mogane wethula ubufakazi bokuthi wathola uNtanzi ephethe iselula esitokisini emuva kokulunywa indlebe ngayo.
Ummeli kaNtanzi u-Advocate Thulani Mngomezulu wathi ikhasimende lakhe liyakuphika ukuthi latholwa neselula. UMngomezulu wathi iselula kaNtanzi yayikade ithathwe amaphoyisa ngesikhathi eboshwa.
Kuvela ukuthi uNtanzi watholwa neselula ngoFebhuwari 2021 esitokisini eyishutheke ezingutsheni zakhe zokulala. Kuvela ukuthi ngaphambi kwalokho iselula yayikade idonsa eQueenswood, ePitoli nokuyindawo esondelene nesiteshi samaphoyisa ayevalelwe kusona uNtanzi.
Abamangalelwa bebebukeka bebulandela ngokuzimisela ubufakazi bephethe nebhuku bebhala belalele ngokucophelela. Bebebuye bahlanganise amakhanda sengathi babhunga okuthile sabantu abqhathanisa lokhu okwethulwayo.
Kuthe kusaqhubeka lobu bufakazi kwasukuma abameli besola uMbuso ngokuxova ubufakazi. Kuphikiswane ngalokho kwase kuvela ukuthi sekuvele kushaye isikhathi sokuguqa kwecala. UMbuso uthembise ukulungisa lokhu abebekhala ngakho abameli.
Kulindeleke ukuthi kuqhutshekwe namuhla kulalelwe ubufakazi bukangoti wamaselula.