UBUFAKAZI obethulwe kwiKhomishana yokuQhwagwa koMbuso ngobeyiPhini likaNgqongqoshe wezeziMali kuleli uMnuz Mcebisi Jonas, sekucike umndeni wobenguMengameli uMnuz Jacob Zuma.
UMnuz Khanya Zuma ongumfowabo kaZuma uthi le nto eshiwo uJonas iwukuthanda ukubukwa ngoba kwakufanele avule icala emaphoyiseni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko sokununuselwa abakwaGupta ngesikhundla nemali.
UJonas uvele phambi kwekhomishini eholwa yiJaji uRaymond Zondo ebihleli eGauteng ngoLwesihlanu, waveza ukuthi abakwaGupta bameshela ukuba abe seviyweni labo bazomnika imali nesikhundla sikangqongqoshe.
Utshele ikhomishana ukuthi lowo mhlangano wawuthanyelwe nayindodana kaZuma, uDuduzane. UZuma (Khanya) uthe wayecabanga ukuthi uma umfowabo esesulile kwesokuba umengameli abantu bazohlukana naye nomndeni wakhe.
"Akalivulanga ngani icala uJonas amangalele labo athi banecala? Angiyivikeli indodana yomfowethu ngoba angikwazi kahle okwenzeka ngaleso sikhathi kodwa uJonas kwakufanele aye emaphoyiseni ayowabikela ngalokhu,’’ kusho uZuma. UJonas uthe kwakungelula ukwethemba izinhlaka zezomthetho ngaleso sikhathi ngoba zazidansela isigingci sowayengumengameli uZuma. UJonas uthi elinye ilungu lomndeni wakwaGupta lamtshela emehlweni ukuthi ngisho izinhlaka zezomthetho zidansela isigingci sabo akukho azokwenza. Uthe leli lungu lomndeni lamesabisa ngokuthi uzoya kwagoqanyawo uma eke wayixoxa le ndaba.