UMASIPALA weTheku wethule ngokusemthethweni ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu obuzohlola isimo sezulu ukuze ukwazi ukwenza izinhlelo zokumelana nenhlekelele engadalwa yisimo sezulu ngaphambi kokuthi yenzeke.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ngoLwesihlanu wethule ngokusemthethweni iForecast Early Warning System (FEWS).
Uthe iFEWS ingeyokuqala ukusetshenziswa e-Afrika.
Izosiza ekutheni iTheku libhekane nezimo zenhlehlekelele ngaphambi kokuthi ziqale.
“Kusukela ngo-2017 eThekwini kube nezinhlekelele ezidalwa yisimo sezulu eziholela ezinkingeni eziningi ezifana nezikhukhula, ukuguguleka komhlaba, ukuma kwamanzi ezindaweni ezingafanele nezinye eziningi. Izinkomba zesimo sezulu zikhomba ukuthi kuzoba nemvula engaphezulu kwejwayelekie eThekwini okusho ukuthi kuzoduma kakhulu, line kakhulu kunokweywayelekile. Lobu buchwepheshe buzositshela imvula ingakafiki ukuthi ingase ibe ngakanani yini engase yonakale edolobheni lethu bese sizilungiselela ukubhekana naleso simo singakenzeki,” kusho uKaunda.
Uthe izinkinga ezidalwa yisimo sezulu ziholela ekutheni kuphazamiseke izingabunjalo lamanzi okuphuza, kuphazamiseke indlela amagagasi agubha ngayo olwandle athe kuyingozi.
“Uma sibe nolwazi oluyilo ngenhlekelele engase yenzeke kuzosiza ekutheni uphiko lwenhlekelele lukwazi ukuhlaziya lolo lwazi bese luqhamuka nezinhlelo ezisozisa ekutheni leyo nhlekelele ifike isilindelwe,” kusho uKaunda.
Uthe uphiko olubheka ukushintshashintsha kwesimo sezulu eThekwini luthe kulo nyaka kuzoba nemvula ephindaphindwe kabili kunejwayelekile.
“Ngo-Ephreli ka-2019 kanye nangoDisemba kube nemvula enkulu kwaba nezikhukhula eziholele ekutheni kulahleke imiphefumulo yabantu abaningi. Kwalimala amabhilidi nezindlu nengqalasizinda. Ngakho-ke ubuchwepheshe obunjengalobu buzobe bungavikeli impilo yabantu kuphela kodwa siqhamuka nesu lokubhekana nokushintshashintsha kwesimo sezulu.”
Uthe ubuchwepheshe buzobheka ushintsho olwandle, emifuleni uma kuba noshintsho luzosho lubuye lubheke ukuthi amanzi emvula angena emadanyini angakanani uma kunengozi lusho.
“Uma kubonakala sengathi amanzi emifuleni eseduze kwemijondolo azogcwala kakhulu iFEWS izosho bese kwenziwa izinhlelo ezifanele zokuhlenga labo abakhe eduze umfula ungakagcwali.”