IBOSHWE enkantolo ngesikhathi ivele ngelinye icala layo lokubulala, indoda esolwa ngokusoconga induna eCopesville, eMgungundlovu.
Umsolwa oneminyaka engu-24 uboshwe ngoLwesibili enkantolo yeMantshi eMgungundlovu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe abaseshi baseNsuze balunywe indlebe ngomsolwa obefunwa okuthiwe uvela enkantolo ngelinye icala lokubulala.
“Amaphoyisa ambophe ephakathi enkantolo umsolwa, wayiswa esiteshini eNsuze wabekwa icala lokubulala. Uvelile enkantolo yeMantshi yaseNsuze izolo (esho ngoLwesithathu), icala lakhe lahlehliselwa uJulayi 18, 2020,” kusho uColonel Mbele.
Uthe umsolwa uzogqunywa esitokisini kuze kushaye usuku lwakhe lokuvela enkantolo.
Kusolwa ukuthi ngoJuni 10, 2020 ngo-8 ekuseni, induna uMnuz Mandlenkosi Ntuli (62) wathelekelwa amadoda amabili ayehlome ngezibhamu kwakhe KwaNewspaper.
UColonel Mbele uthe kusolwa ukuthi umufi wadutshulwa kaningi, wadalulwa njengophangalale endaweni yesehlo. Kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eNsuze.
Ilungu lomndeni kaNtuli, elicele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba, lithe bajabule ngokuboshwa komsolwa.
Lithe ekugcineni bazothola izimpendulo zokuthi wabulawelani uNtuli.
“Esifuna kwenzeke manje ukuba kuqulwe icala libalahle banikwe isigwebo esiqinile, esibafanele. Asazi babemdubulelani ngoba akuthathangwa lutho endlini,” kusho ilungu lomndeni
Lithe kwakugcwele amagobolondo ezinhlamvu zesibhamu asesebenzile endlini kamufi.
“Uyabona ukube kwakukhona omunye umuntu kulo muzi, wayeyobulawa naye ngendlela okwakuyiyona,” kusho ilungu lomndeni.
UColonel Mbele uthe umsolwa uboshwe enkantolo eyovela ngecala lokubulala elavulwa esiteshini iMountain Rise.
Kusolwa ukuthi ngoJuni 16, 2020 ngo-2.42 ntambama, kwadutshulwa kwafa uMnuz Bongani Majola (56), Ezinketheni eCopesville.
UColonel Mbele uthe uMajola wadutshulwa ekhanda nasesifubeni.
“Umsolwa waboshwa nenye indoda eneminyaka engu-28 esezitokisini. Luyaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa ngenhloso yokuthola ukuthi abasolwa ababoshiwe abathinteki yini kwamanye amacala okubulala esifundazweni,” kusho uColonel Mbele.