Kuboshwe owokufika ngokubulawa kwabayisithupha eMlaza
Image: Independent Newspapers Archives
Luthela izithelo uphenyo lwamaphoyisa ngokubulawa kwabantu abayisithupha esigcemeni sakwa-V/6 eMlazi ngomhlaka-17 Agasti 2024.
Lokhu kulandela ukuboshwa kowesilisa ongowokufika oneminyaka engu-28 ubudala.
Ngalobo busuku besehlo, amadoda ayisithupha ayephuza utshwala nabesifazane abathathu ngesikhathi kufika amadoda amabili angaziwa athi afuna ukuthenga ugwayi, kwathiwa abahambe ngoba akekho odayisayo.
Laba balisa ababili bahamba, babuya ngemuva kwesikhashana base beyalela abesifazane abathathu ukuthi balale phansi njengoba bedubula izisulu zesilisa. Amadoda ayisithupha adutshulwa ashonele endaweni yesehlo. Uphenyo luveze ukuthi ukubulawa kwalaba bekuyisizathu sokuziphindiselela. Kubikwa ukuthi abashonile, abebekhuluma isiXhosa bobabili, kuthiwa balwe namaSwati ahlala kuyo le ndawo.
UMelusi Dlamini, 28, ongowokudabuka eSwatini, waboshwa eKrugersdorp esifundazweni saseGauteng ngoLwesihlanu, 4 July 2025, ubhekene namacala ayisithupha okubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoMsombuluko, 7 July 2025 futhi akasifakanga isicelo sebheyili icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-14 Agasti 2025.