ZIMKHALELE uthisha wesikole saseMlaza osolwa ngokudlwengula umfundi okuthiwa wamgila endlini yakhe ngempelasonto.
Kuthiwa lo thisha (50) uthathe umfundi (16) ofunda uGrade 11 ekilasini lakhe, endaweni yobumnandi waya naye lapho ehlala khona, wamdlwengula ezintatha ngoMgqibelo.
Unina wale ngane, igama lakhe eligodliwe ukuvikela umgilwa uthe indodakazi yakhe yayimtshele ukuthi iya ephathini ngoLwesihlanu kanti iya endaweni yobumndani i-031, eThekwini okuyilapho itholane khona nalo thisha.
“Umntwana uthe uthisha wabezwa bekhuluma nomngani wakhe bethi baya e-031, kusho ukuthi uye khona naye ebalandela.
Ngesikhathi esethi uyahamba umntwana ebheka umngani wakhe engamtholi kuqhamuke lo thisha wathi uzomhambisa ekhaya kodwa wangamhambisa, waya naye lapho ehlala khona,” kusho unina womfundi.
Le ngane ithe namanje isathukile emuva kwesigameko.
Ithe uthisha wayo ubengumuntu okungathi ufuna ukuyisiza ayiyise ekhaya kodwa wajika endleleni.
“Uthe uzongishiya ekhaya kodwa wathi uma esefika eMega City wathi ngeke kukude ekhaya, okungcono uzongiyisa kwaBB lapho ahlala khona. Uthe ngizolala kwelinye igumbi bese ngihamba kahle ekuseni. Sithe uma sifika endlini washintsha wangishaya ngempama, wathi ngimenza isilima ngoba yena kade angithanda. Uthe ubebona sengathi ngifuna ukuhamba nomunye ubhuti engimjwayele naye obekhona lapha e-031. Lo bhuti wafika nomunye umngani wakhe wazomcela ukuthi akangiyeke ngigoduke kodwa wabaxosha okuyilapho asale khona wangidlwengula. Uthe uma eseqedile wathi angimthathele ithishu, okuyilapho engithole khona ithuba ngakwazi ukubaleka ngayobika emaphoyiseni kaBB,” kusho umfundi.
Uthe kubuhlungu okwenzekile ngoba ubemthemba uthisha wakhe, engazitsheli ukuthi angamenzakalisa.
Umfundi uthe uthisha wakhe ubaziwa ukuthi kukhona izingane athandana nazo esikoleni futhi ubaziwa ngokweshela kodwa yena ubengakaze amshele.
Unina walo mfundi uthe ufisa sengathi lo thisha angaboshwa futhi ajeze ngakwenzile ngoba naye ubemthemba engumzali. Uthe ubevame ukumbona uma eyolanda iriphothi kanti nengane beyimchaza njengothisha okhululekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Colonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ambophile umsolwa ngecala lokudlwengula. Lo thisha uvele eNkantolo yeMantshi eMlaza izolo.