UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa
koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uyaveva emuva kokuthi uphenyo obelwenziwa yilo mnyango luthole abasebenzi abawu-14 bevalelwe efemini ekhiqiza izifonyo eGlen Anil, eThekwini.
Laba basebenzi kuthiwa selokhu bevalelwe efemini kusuka ngoMsombuluko
odlule kuthiwa abakhe ama-mask.
UNkk Dube uthe uyajabula ngoba abantu yibona abalume umnyango wakhe indlebe bewazisa ngenkampani yamaChina iChen Lu engawahloniphi amalungelo abantu.
“Umnikazi wefemu uboshiwe, abaphenyi boMnyango wezabaSebenzi bayaqhubeka nophenyo lwabo oluthinta ukuphulwa komthetho wokusebenza nokuphepha.
“Abasebenzi abawu-14 bebephoqwa ukuthi balale emsebenzini endaweni engafanele ukuhlala abantu,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uphinde wagxeka onogada benkampani iKZN Crime Extinguishers ngokukhomba abasebenzi bakhe ngezibhamu.
Uthe ufuna kuphenywe umnikazi nowaseChina obephethe isibhamu ehlukumeza abasebenzi bomnyango kubhekwe ukuthi unazo yini izincwadi zokuphatha isibhamu aphinde athweswe necala lokubalekela umthetho.
UNkk Dube-Ncube uphinde wakhala nangokunyuswa kwempahla ezitolo okubalwa ama-mask athe kwesinye isitolo ibisibiza uR780 iyinye.
Ugqugquzele abantu baKwaZulu-Natal ukuthi uma bebona izitolo zinyusa intengo yokudla babikele uMnyango [email protected] noma bathumele izikhalo zabo kuwhatsapp: 082 458 0706 noma 082 374 6660.
UNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni uMnuz Ebrahim Patel uthe izitolo ezinyusa intengo yempahla edingekayo ngesikhathi seCoronavirus, zizohlawuliswa uR1 million noma y-10% wenzuzo eziyenzayo.
BEBEPHETHE izingubo zokulala akade bezisebenzisa abasebenzi abawu-14 abasizwe wukufika kwamaphoyisa ngesikhathi bephoqwa ukuthi basebenze ngenkani Isithombe: KZNEDTEA
Ukhuthaze abantu
ukuthi bacebe izitolo nezinkampani ezinyusa intengo yempahla ngokushayela * -0800 014 8800.
Ucele abantu ukuthi bayeke ukuthengela emoneni ngoba izitolo zegilosa ngeke zivalwe kulezi zinsuku ukuze wonke umuntu athole ukudla.