UBOSHIWE umfundisi osolwa ngokubhokoda ngommese amahlandla amaningi ingoduso yakhe, eyisosha abeyisola ngokumbhangqa, maqede wabhala ekhasini lakhe kwiFacebook ukuthi ubesehluthukelwe inhliziyo.
UMfundisi Sithembiso Shabangu (35) kuthiwa utholwe esekubhaceni emuva kokuhlasela ingoduso yakhe, uNksz Linda Sibiya (29) ikubo eDumbe ngeledlule.
Kusolwa ukuthi uShabangu ubuye wesaba ukuzibulala njengoba embhalweni wakhe kwiFacebook wayesevalelisile, wayaleza nasemndenini wakhe ukuthi umkhulisele izingane zakhe.
Ngokusho kukaCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uShabangu uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yasePaulpietersburg ngoLwesibili.
Uthe umsolwa ubekwe icala lokuzama ukubulala ingoduso yakhe, okuthiwa uyihlasele ngeledlule.
UCapt Gwala uveze ukuthi icala lihlehliselwe uLwesibili, Febhuwari 18, lapho umsolwa kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.
“Kuthiwa ngoFebhuwari 4 ngo-2:20 emini owesifazane oneminyaka engu-29 wagwazwa kaningi ngumlisa amaziyo ngesikhathi ekubo eFrisgewacht Trust. Uphuthunyiswe esibhedlela ukuyolashwa amanxeba okugwazwa,” kusho uCaptain Gwala.
Ngeledlule Isolezwe ngeSonto libike ngoNksz Sibiya, osesimeni esibucayi esibhedlela emuva kokuthi uShabangu emgwaze kaningi, wamshiya edindilizile ezitshela ukuthi ushonile.
UShabangu wabhala kwiFacebook, ukuthi uNksz Sibiya ubesembhangqe kwaze kwaba kathathu.
Wathi uqale ukuthandana naye ngo-2004, wamxolela embhangqile ngo-2012 nango-2014 lapho uNkulunkulu aze wamupha amandla okumlobola nokumethembisa umshado.
Embhalweni wakhe uShabangu wabuye waveza ukuthi nangonyaka odlule uNksz Shabangu uphinde waqoma.
Abasondelene noNksz Sibiya bayawuphikisa lo mbhalo, basola uShabangu ngokuba yisikhohlakali ebesihambe sizalisa ngaphandle.
Uninalume kaNksz Sibiya, uMnuz Evangelist Mthembu, uthe yize umshana wakhe esephapheme kodwa umndeni usabambe umoya ngoba usabambekile, ulaliswe egunjini labantu abagula kakhulu.
Uthe umndeni kawufuni ukuphawula ngalolu daba, uzolinda uNksz Sibiya alulame ukuze achaze kabanzi ngokumehlele.
Ethintwa uNksz Sibiya, wale waphetha ukuphawula, wabhoka ngolaka ethi akazi ukuthi ngubani onikeze iphepha imvume yokubika ngodaba lwakhe.