UDLAME lwasezikoleni lufinyelele kwelinye izinga ngenkathi umfundi ona-17 egwaza ephindelela uthisha wakhe ngommese wambulala.
Lo mfundi owenza uGrade 10 eRamotshere Moiloa High School, eDinokana Village eduze kwaseZeerust, eNorth West, kuthiwa uboshwe amaphoyisa ngezinsolo zokugwaza ngokubulala uMnuz Gadimang Daniel Mokolobate onguthisha wakhe obebhekele ukubhalwa kwesifundo iGeography abafundi abenza uGrade 10 ngoLwesine.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, uzwakalise ukuthuka ngalesi senzo okuthiwa senziwe yilo mfundi.
NgokukaMhlanga, akumele othisha baphile impilo yokuhlala ngokwesaba ngaso sonke isikhathi.
Uthe udaba luqale emva kokuthi lo mfundi exwayiswe ngokuthi angangeneli ngenkathi kuphakwa kulesi sikole ngoLwesithathu.
UMhlanga uthe kusolakala ukuthi luye kwamcasula umfundi ukukhuzwa kwakhe ngoba ngosuku olandelayo ufike esikoleni esehlome ngesikhali.
“Akazange afike esikoleni ngesikhathi esifanele ngoLwesine,” kusho uMhlanga.
Uthe lo mfundi ufike ngo-11 ekuseni waqonda ngqo emagumbini okufundela lapho abanye abafundi bebebhala khona izivivinyo zabo.
UMhlanga uthe ngaleso sikhathi bekukhona othisha ababili abebegade izingane njengoba bezibhala izivivinyo zazo.
“Uqonde kuthisha obemkhuze ukuthi angangeneli ngenkathi kade kuphakwa ukudla esikoleni (uMokolobate), wamgwaza esifubeni ephindelela,” kugcizelela uMhlanga.
Kubikwa ukuthi
emva kokwenza lesi senzo, lo mfundi ubalekile kodwa kwasiza onogada nabanye abafundi bambamba.
Ngokwemininingwane yoMnyango weMfundo eyisiSekelo, lo mfundi uke wexwayiswa ngoMashi emva kokuthi eze esikoleni ephethe insangu.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi lo mfundi uvalelwe esitokisini, nokuthi usolwa ngecala lokubulala.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCaptain Sam Tselanyane, uthe lo mfundi ululekwe abezenhlalakahle, nokuthi uzobekwa icala lokubulala.
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eLehurutshe kule ndawo.
Kubikwa ukuthi uMokolobate ubeneminyaka engu-24.
Kwenzeka lokhu nje, UMnyango weMfundo eyisiSekelo eGauteng ubusadidekile yisenzo somunye wabafundi okuthiwa uvele wakhipha isibhamu ngoLwesithathu wasabisa ngokudubula omunye wothisha e-Eldorado Park Secondary.
Kubikwa ukuthi uthisha obesatshiswa ukwazile ukuphuca lo mfundi isibhamu wasihambisa emaphoyiseni.
Umnyango usigxeke kakhulu lesi senzo kulesi sikole esidume ngokuthi yiBlue School.
UMnuz Panyaza Lesufi onguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo eGauteng, uthe:
“Sicela abafundi bangaziphathi ngendlela engamukelekile ezikoleni,”
Unxuse isigungu esibhekele ukusebenza kwesikole ukuthi kube nesinyathelo esisithathayo ngalesi senzo.
Uthe umnyango ngeke uzibekezelele izenzo ezifana nalezi.
Uthe nanoma ngubani oyotholakala ephambana nomthetho wokuziphatha ezikoleni, kuyobhekanwa naye ngokulandela umthetho olawula ukuziphatha ezikoleni eNingizimu Afrika.
* Funda omunye umbiko ngokungaphephi kothisa ekhasini 14.