KUBOSHWE owesifazane oneminyaka engu-55 otholwe nezibhamu ezimbili, i-AK47 ne-303 izolo ekuseni.
Ngokwesitatimende esithunyelwe amaphoyisa, owesifazane uboshwe ngesikhathi amaphoyisa ophiko lwePublic Order oLundi nawezobunhloli enomkhankaso wokulwa nobugebengu KwaNkulu, KwaNongoma. Kuthiwa amaphoyisa anikele kulo muzi abe esesesha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe ngesikhathi amaphoyisa esesha athole owesifazane oneminyaka engu-55 nezibhamu, i-AK47 ne-303, izinhlamvu ezingu-234 nomagazini abathathu. Lezi zibhamu kuthiwa zitholwe ku-wardrobe. UCapt Gwala uthe uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi izibhamu ziqhamukaphi.
Komunye umkhankaso, amaphoyisa ophiko lwePublic Order KwaMakhutha naseCreighton abophe abasolwa ababili abatholwe nezibhamu. Umsolwa oneminyaka engu-38 uboshwe ePlangweni KwaMakhutha ngemuva kokuthi etholwe nesibhamu i.38 special revolver nesinye isibhamu esincane. UCaptain Gwala uthe uphenyo olwenziwe lapho kuboshwe khona abasolwa luveze ukuthi esinye isibhamu sebiwa eCator Manor, ngoJanuwari 2007.
Kubuye kwaboshwa nendoda eneminyaka engu-29 etholwe ne-9mm nezinhlamvu ezinhlanu. KwaMsane kuboshwe oneminyaka engu-27 otholwe nesibhamu esingekho emthethweni.
UCaptain Gwala uthe banxusa amalungu omphakathi ukuthi aqhubeke nokubika abantu abanezibhamu. Bonke ababoshiwe bavele ezinkantolo ezahlukene izolo, ngamacala okutholwa nezibhamu ezingekho emthethweni.