Izindaba

Uboshiwe owebe imoto kamlamu wakhe

Nonkululeko Nhlapo|Published

Zimkhalele owebe imoto yomlamu wakhe

Image: Sithunyelwe

Amaphoyisa kumasipala waseGoli ophiko lwe-BMU abeqaphe ubugebengu emgwaqeni u-Witkoppen ngesikhathi ethola imininingwane kwa-Tracker_Sa yokuthi kunemoto entshontshiwe i-VW Polo GTI emhlophe ehamba kuMalibongwe Drive, ngaseNorthriding.

Amaphoyisa alandele ama-GPS coordinates abona imoto ku-Dexter road ingena e-Isabela Estate.

Umshayeli uthe ebona amaphoyisa wase ezama ukubaleka, amjaha waze wavinjwa. Ebuzwa ngale moto uvumile ukuthi uyithathe kungavunyelwene. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi imoto ngekamlamu wakhe.

 

Umgilwa ushiye imoto esikhumulweni lapho yebiwe khona isihlobo

Image: JMPD

Kuthintwa umnikazi, ukuqinisekisile ukuthi upake imoto yakhe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ngaphambi kokugibela indiza eya eKapa kodwa akazange anikeze muntu izikhiye zemoto yakhe noma imvume yokuyisebenzisa.

Umsolwa webe izikhiye zemoto eziyisipele. Ngesikhathi amaphoyisa ehlola imoto udeshibhodi ubevele ekhunyulwe umsolwa. Umsolwa ugcinwe eDouglasdale SAPS kanti imoto ibhukhwe e-Aeroton Pound.