KUBOSHWE owesilisa oneminyaka engu-31 ngokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe kuMasipala uMsunduzi ngoMsombuluko.
Amaphoyisa asePlessislaer ngokubambisana nabakwa-Eskom, Transnet nabaseMsundizi baphume inqina bengena bephuma ezindaweni ezidayisa izimpahla esezisebenzile.
Bebehlola ukuthi ilandelwa njengoba injalo yini imithetho yokuhweba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe leli thimba ligasele e-scrapyard esise-Edendale lapho lithole khona amapayipi amanzi, izicabha nezimpahla zikagesi ezingabiza uR75 000.
UCol. Mbele uthe le mpahla ihlonzwe njengekamasipala. Umnikazi wale ndawo ube esekhokhiswa inhlawulo kaR1 500 ngokuphula isigaba somthetho iSecond Hand Goods Act.
Bekulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngaleli cala izolo.
Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Thulani Gonya ubongele leli thimba ngokuthola impahla ebiyebiwe